UKUHLALA kwabantu nezifo bangayi kothola usizo lwezempilo akugcini kuphela ngokuthi benze isimo sabo sempilo sibe buthaka kodwa kugcina kuholele nasekufeni. Kukhuthazwa abantu ukuthi bakusukumele ukugula noma ngabe kuncane kangakanani emzimbeni
KUSAMANGLISA ukubona inkani edazwa ngabantu bakithi ekubeni bezibona izinkomba zokugula ezisisondeza ekufeni mihla namalanga. 
 
Kodwa inkani ibe iqhubeka yendela kakhulu kunakuqala. 
Yini eyenza kube njena? Kukangaki sikhuluma ngengozi yokukhathala, yesiyezi, yokucinana, ukuphelelwa ngamandla, ukuvuvukala kungaba imilenze okanye ubuso, ubuhlungu besifuba, inkwantshu engalweni, ubuhlungu bezinhlafuno, ikhanda elingapheli, ukuqumbelana, induku engavuki, ukungaluthandi ucansi; njengezimpawu ezibonisa ukuphunduleka kokusebenza kwenhliziyo? Kodwa kuze kube manje abantu basasishiya emhlabeni ngenxa yokuthalalisa uma benalezi zimpawu.

Nanamhlanje basekhona abantu abadla amaphilisi esifo somfutho ophezulu wenhliziyo, abantu abasebenzisa imishanguzo yesifo sikashukela. Kodwa abasukumi bayohlola ngemishini ukusebenza kwezinhliziyo zabo. Abanye bavika ngokuthi, hhayi akukaze kusho muntu emtholampilo yingakho ngingazihluphi. Hheyi akuyona inhliziyo yomtholampilo okanye ekanesi lena ngeyakho! Umhlengikazi uzophuma aye kudokotela wakhe afike amfake emshinini wenhliziyo i-ECG, wena eyakho ihlale ilindele umyalelo kanesi? Uyophaphama sebekutshela ukuthi inhliziyo isivuvukele, izinso azisasebenzi; ayikho into engenziwa, bese uthini; uthakathiwe?

Kunabantu abadla amaphilisi omfutho wenhliziyo, amaphilisi nemijovo kashukela kodwa abazihluphi ngokubheka ukuthi le mishanguzo isasebenza ngendlela na? Abanye sebeze bayithola ngokuposelwa ezikhungweni ezithile; umbuzo uthi ngubani oqinisekisa ukuthi laba bantu bayalandeleka? Ngikuthola kuwukuthiphazisa umqondo ukuthi laba ngabantu abasimo sabo sesizinzile. Sizinzephi, kanjani? Umzimba womuntu uyashintsha ngezindlela ezahlukene; ngenxa yokudla esikudlayo, ingcindezi emqondweni, izifo ezisingenayo nokunye okuningi? Kuphi ukuzinza lapha?

Awuthathe isampuli yabantu abasebenzayo, abanemali ‘eyanele’ engena nyanga zonke kodwa laba bantu zinsuku zaphuma bayaya kudokotela. Sikusho kanjani ukuthi umuntu ohluphekayo ongazi ukuthi ukudla kwantambama kuzovelaphi bese sithi ukugula kwakhe sekunozinzo, ngakho angadla imishanguzo ngokuyilanda esikhungweni esithile? Yiphupho eliphindiwe leli, elidushela abantu bakithi ekufeni singekho isidingo. Asikwazi ukuzama ukusombulula inkinga yokungaqashwa kwabahlengikazi nabasebenzi bezempilo ngokulelesa abantu bakithi ngezinhlelo esazi kahle ukuthi ziyingozi.

Ngike ngalalela uNgqongqoshe wezeMpilo kazwelonke, uDkt Aaron Motsoaledi ekhuluma ngombulalazwe oyiTB, ethi ukube kuya ngaye ngabe wonke umuntu; kungaba induna, iphoyisa, umfundisi, inkosi yesizwe, osopolitiki, izimeya, amakhansela, bonke abaholi bangathi uma bevula umlomo bakhulume ngeTB. Uze athi mabanganciki enkulumeni ebhaliwe. Kodwa bakhulume ngeTB. Angazi kukangaki sisho into efanayo kule ngosi! Ngike ngathi kimi ngiyafisa ungqongqoshe adlulele kozakwethu abangabahlengikazi nodokotela, bakhunjuzwe ukuthi akusibona bodwa abakwazi ukubona isifo seTB. Kunomkhuba omubi owenziwa ngozakwethu, wokuthi uma isiguli sitholwe sineTB ngudokotela ozimele, sesiyothethiswa, sikhacwe, sigcine singasizakalanga emtholampilo okanye esibhedlela. Okulandelayo umuntu uzoqhubeka nokugula, ukufa kudlule naye. Asifunde, singankanizi sibange iziguli; umphumela kuba ukulimala kogulayo.

Sisezweni lapho ukwazi ukukhuluma ubhale noma yini, uzimakethe noma ngayiphi indlela. Sikubonile lokhu futhi siyakubona kuyaqhubeka, uma nje unemali yokufaka okudayisayo ephepheni noma emsakazweni; kulungile. Ukuthi umphumela uthini, akudokwe ligayelwe wena, uma nje uzothola imali noma ngabe ubalutha kangakanani abantu bakithi. Kokunye kuze kuvezwe odokotela, bethengisa lezi zindidiyela okuthiwa ziyasiza; abangazange bafunde ngazo kwezempilo. Ukuthi umuthi othile ubhalwe ephepheni, okanye usakazwa emsakazweni, kwithelevishini; akusho ukuthi uvunyelwe abezempilo, cha.

Yonke imishanguzo yezempilo ihlaziyiwe, iyacaciswa ukuthi isebenza kanjani, kuphi, ingena kanjani kuphi; akuvele kuthiwe nje; ‘iyasebenza le nto’. Lezi zinhlanganisela esizigijimelayo azinangcaciso yokusebenza kwazo. Abazidayisayo kuya ngokuthi unemali engakanani wena yokuzikhangisa ukuze zikwazi ukuhunga abantu bakithi. Masingathatheki, sihlwitheke size sibone ekugcineni kungasabuyeleki emuva ukuthi sasidayiselwa ubuthi obafike babulala isibindi, izinso nenhliziyo. Okuba kubi ukuthi uma umuntu esaxakekile uza kwadokotela okanye esibhedlela, angabe esachaza ukuthi kade ngilapha nalapha, ngasebenzisa lokhu nalokhu. Isithombe esisalayo ukuthi udokotela akasebenzi, okanye isibhedlela asikhathaleli umuntu, akunakwa.

Asifunde emaphutheni, singadazi inkani ngoba umphumela walokho ukufa.

Mpilonde!