INHLANGANO i-Electricity Crisis Movement eSoweto ihlela ukuvala thaqa imigwaqo ukuze iqinisekise ukuthi akungeneki enxanxatheleni yezitolo eselokishini.
Lokhu enye indlela yempi abayibhekise e-Eskom ngodaba lokucinyelwa ugesi. Abantu baseSoweto bathi i-Eskom isebenzisa ububhoklolo ngokubacimela ugesi ezindaweni zabampofu kodwa kwezinye izindawo njengakoSandton ugesi awucishwa njalo.
UMnuz Trevor Ngwane, uthe bahlela ukubhikisha eTshwane namhlanje ukuqondanisa nenkulumo yokuvula isiShayamthetho saseGauteng ezobe yethulwa uNdunankulu, uMnuz David Makhura.
Uthe balindele namanye amaqabane eseTshwane ukuba nawo avale imigwaqo, abhikishe lapho kuzobe kunenkulumo yesifundazwe. UNgwane uthe umbikisho uzoqhubeka ngoLwesithathu eKapa, lapho abenhlangano yabangasebenzi bezobhikishela uNgqongqoshe wezimali, uMnuz Tito Mboweni, ozobe ethula khona isabelo sezimali.
ESoweto nase-Orange Farm bahlela ukuvala yonke imigwaqo ukuze kuphazamiseke amabhizinisi.
“Inkinga ye-Eskom ayizange iqale ngenxa yesikweletu saseSoweto. I-Eskom njengawo wonke amabhizinisi kahulumeni ibhekene nezinkinga zokungaphathwa ngendlela. Basebenzisa isikweletu saseSoweto ukuvala ihlazo labo elikhulu,” kusho uNgwane.
Okhulumela iJoburg Metro Police, uMnuz Wayne Minnaar, uthe bayazi ngokhukhulelangoqo wesiteleka sanamhlanje futhi basilindele.
“Sandise isibalo samaphoyisa azobe esebenza, kukhona nawombutho iSAPS navela kuzwelonke esizosebenzisana nawo,” kusho uMinnaar.