SEKUPHINDE kwangena esinye isikhalo ngengqungquthela ye-IFP Youth Brigade okuwuphiko lwentsha yeNkatha ebihleli oLundi ngempelasonto. Iziko Imbabazane elibuye lizibize ngoMtshezi, kuthiwa seliphumele obala lithi kuningi okungahambanga kahle ngengqungquthela ekhethe uMnuz Mthokozisi Nxumalo kwesikaSihalo wophiko.
UNobhala walo uNksz Nobuhle Ngubane unqabile ukuphawula ngencwadi okuthiwa ithunyelwe esigungwini esiphezulu seqembu . Akafunanga ngisho ukukhuluma ngesikhalo okuthiwa basifakile uvele wavala ucingo.
Umthombo opotshozele leli phephandaba, uthe abaningi bayesaba ukuphumela obala ngoba kuba sengathi bavukela iqembu.
Umthombo uthi isigungu esiphezulu siyitholile incwadi evela kuleli ziko.
“Awu kuyaziwa nje ukuthi izinto zihamba kanjani eqenjini abantu bakhalaza emakhoneni ngoba abaningi bayesaba. Uvele uthathwe njengomuntu ongahloniphi odicilela phansi iqembu uma uveza izikhalo,” kusho umthombo.
Elinye ilungu elingathandanga ukuveza igama lalo lithi kufanele kukhethwe kabusha kulungiswe wonke amaphutha enzeka engqungqutheleni.
“Kwakungena noma wubani lapha engqungqutheleni nezigqebhezana zokungena zakhwabaniswa. Wake wayibonaphi ingqungquthela eyenzelwa etendeni ngoba akhona amahholo oLundi. Baningi kakhulu abantu abangagculisekile ngendlela okuqhutshwa ngayo izingqungquthela ze-IFP,” kuchaza ilungu elikhathazekile.
Lesi sikhalazo selama eduze esinye esavela ngosuku lokusongwa kwengqungquthela lapho indoda eyazethula ngoNgcobo isibongo, yasukuma yaphikisa imiphumela. Le ndoda ize yazibophezela ngokuthi izolulandela lolu daba kuze kube sekugcineni. Akuqali ukuthi kube nomsindo njengoba kuke kwabangwa imiphumela yokhetho lobuholi besifundazwe KwaZulu-Natal. Owayehola umkhankaso wezikhalo uMnuz Simphiwe Zungu wamiswa eqenjini emuva kwezinsukwana nje ephumele obala ngokungenami kwakhe.
Okhulumela iqembu uMnuz Mkhuleko Hlengwa ukuqinisekisile ukuthi incwadi ifikile futhi iyacutshungulwa indaba yayo kodwa wathi ngeke iphindwe ingqungquthela.
“Sikholwa wukuthi kwahamba kahle konke engqungqutheleni yeqembu. Siyafuna futhi ukuxwayisa amalungu ethu agijima aye kwabezindaba ukuthi lokhu akufuneki. Wudaba lwangaphakathi lolu kufanele iqembu linikwe ithuba lilulungise,” kusho uHlengwa.