IZINHLANGANO ezisiza umphakathi ezibizwa nge-C19 People’s Coalition zicele abantu ukuthi basayine i-petition yokuthi singavalwa isibonelelo sabangasebenzi esizophela kule nyanga.
Lezi zinhlangano ziveze ukuthi zizobe zimatasa kule nyanga njengoba zizobe zicela uhulumeni ukuthi angasiqedi isibonelelo sabangasebenzi.
NgoLwesithathu olwedlule i-C19 People’s Coalition ibe nomhlangano neBlack Sash, Institute for Economic Justice, Assembly of the Unemployed (yaseFree State nase-Eastern Cape), Amandla.mobi, Democracy Development Program, Equal Education neSPII. Bavumelene ngokuqala i-petition ezosayinwa yibo bonke abantu baseNingizimu Afrika abangahambisani nokuqedwa kwesibonelelo sabangasebenzi.
Lezi zinhlangano zikholwa wukuthi uhulumeni kufanele aholele abangasebenzi abaneminyaka ephakathi kuka 18 no 59 isibonelelo.
Kusukela ngoLwesine ngabo 4 kuya ku-5 ntambama lezi zinhlangano zizoba nemihlangano exoxa ngokubaluleka kwesibonelelo sabangasebenzi.
Kulindeleke ukuthi ngo-Ephreli 27 kube nomhlangano ngalolu daba.
Ipetition itholakala kwiwebsite yeBlack Sash naku-Amandla.mobi.
Izinhlangano ezisiza umphakathi zithi mncane kakhulu uR350 ziyafisa ukuthi isibonelelo sabangasebenzi sibe wuR1 268.
USolwazi Thuli Madonsela onguSihlalo weSocial Justice eNyuvesi iStellenbosch, uthe izibonelelo zabangasebenzi azigqugquzeli ubuvila kodwa ziletha usizo oludingekayo kwabampofu.
Uthe uyahambisana nombono wokuthi uhulumeni aqhubeke nokuholela abangasebenzi lesi sibonelelo.