USIPHESIHLE “Ithole Lendidane” Gcwensa, usengumholi omusha waMageza Amahle Isithombe:FACEBOOK
CHARLES KHUZWAYO
USIPHESIHLE "Ithole LeNdidane" Gcwensa, usengumholi omusha weqembu likayise Amageza Amahle. Lokhu kwenzeka ngemva kokulaxazwa nguPotso "Commander" Gcwensa.
USiphesihle uthathe isinqumo sokungena ezicathulweni zikaMtshengiseni "Indidane" Gcwensa, emuva komzukuzuku encengwa ngabalandeli beqembu.
Ufice Amageza esele dengwane nabalandeli bawo ngoba uPotso noCebo "Nsimbi" Hlabisa sebephume inxiwa. Phambilini wabuzwa uSiphesihle ukuthi angawahola yini Amageza, uma enganikezwa ithuba, wathi ngeke ngoba iqembu likhulu kunaye.
"Angikafiki kulelo zinga," kusho uSiphesihle, ekubeni ubeseqalile ukushiya izihlwele zifuna impinda emicimbini abenandisa kuyo nyakenye.
Wayehamba nezihlwele ekubeni nezingoma ayepikwa kuzo kungezikayise.
USiphesihle uqale ukugqama epikwe yiqembu likayise eseliholwa nguPotso Ngobese, Amageza Amahle, e-albhamini ethi Game Over nethi Dear Msakazi. Wapikwa nguNtshebemnandi engomeni ethi Bayakhuluma njengoba esezwakala nakwekaKhuzani ethi Inja Nogodo. "Namanje nami ngisamangele ngendlela engamukelwe ngayo. Bekungathi kungena iNdidane uqobo lwayo. Bengingazi ukuthi Ithole Lendidane lithandwa kangaka emhlabeni," kwasho uSiphesihle ebuya konandisa emicimbini eyayiseVryheid.
Ukuthandwa ngenxa yezingoma zabantu kumenze wangena estudiyo uSiphesihle, waqopha i-albhamu ethi Ishoba Lezangoma enamanoni athi Ngikhumbule Baba neLuthando. Kulindeleke ukuba i-albhamu yaMageza iphume ngePhasika, eyeThole Lendidane iphume ngoDisemba.
USiphesihle ungena emculweni nje, usanda kuphothula uGrade 12 eSigweje High eMnambithi. UMtshengiseni wadlula emhlabeni esibhedlela saseDundee ngoJulayi 27, 2015. Washona eseqophe ama-albhamu angu-25 futhi iningi lawo elahlabana ngamaGold Disc. Waqala ukugqama kuMatshitshi Amhlophe eholwa nguMgqumeni ngaphambi kokusungula ngokubambisana noMgqumeni, Amagcokama.
Ingxabano eyabaphakathi kwakhe noMgqumeni yenza Indidane yasungula Amageza Amahle ngo-2004, seyihambisana noMzameni "Njencane" Ngubane, nomufi uSibongiweni "Mphondi" Ntombela.