UNGQONGQOSHE wezeMpilo uDkt Zweli Mkhize ukuqinisekisile ukuthi elakuleli lithole imigomo engu-51 million yakwaJohnson & Johnson nePfizer yokulwa neCovid-19.
UMkhize uthe sebebuyiselwe nemali yemigomo engu-500 000 eyaithengwe kwiSerum Institute ye-AstraZeneca, eyadayiselwa amanye amazwe ngoba ingakwazi ukulwa negciwane eselizishintshile lakuleli.
UMkhize noNdunankulu waseGauteng uMnuz David Makhura, bebekhuluma nabezindaba izolo ngesikhathi behlola isikhungo sokusabalalisa imigomo esibhedlela iCharlotte Maxeke.
“Sizothola umgomo wokuqala ongaphezu kwesigidi weJohnson & Johnson ekupheleni kwale nyanga. Kuzolandela engu-900 000 ngoMeyi neminye engu-900 000 ngoJuni. Izwe selithole imigomo engu-31 million.”
Uthe ukuvikeleka kwabasebenzi bezempilo yinto ebaluleke kakhulu. UMkhize uthe izimo zenze kwaba nokubambezeleka ekusabalaliseni imigomo.
“Ukuvikeleka kwenu kubaluleke kakhulu ukuze iqhubeke impi yansuku zonke ukuqinisekisa ukuthi ihlandla lokuqala siyahlangabezana nomnqamulajuqu walo.”
Uthe isiyonke imigomo abayitholile ingu-51 million kwa-J&J nengu-20 million yakwaPfizer.
“Lokhu kusho ukuthi singakwazi ukuqala ihlandla lesibili lokugoma eliqala ngoMeyi 17, uma kuphela elokuqala.”