ELAKULELI lizoqala uhlelo lokuzakhela owalo umgomo weCorona, kanye nezinye izifo okubhekeke ukuthi ziqubuke esikhathini esizayo.
Sekuhlanganiswe ithimba lososayensi elizobhekana nomsebenzi wokukhiqiza umgomo walolu bhubhane oseluhaqe abantu abangaphezu kuka-1.5 million, kusukela labheduka kuleli ngonyaka odlule.
Lokhu kumenyezelwe nguMengameli Cyril Ramaphosa izolo, ngesikhathi ephendula kwinkulumo mpikiswano ePhalamende, kulandela inkulumo ayeyibhekise esizweni ngeledlule. Uthe sebekhathele ukwehla benyuka befuna imigomo uma kubheduka izifo, wathi kubalulekile ukuthi leli zwe likwazi ukuzakhela imigomo yokubhekana nezifo ezingase ziqubuke esikhathini esizayo.
UMengameli ubeke kanje: “Sengiyalele uNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme ezeSayensi kanye nezoBuchwepheshe, uDkt Blade Nzimande ukuba ahlanganise ithimba lososayensi elizoqhamuka nowethu umgomo, ukuze silwe naleli gciwane kanye namanye amagciwane asozoqubuka.
“Kulesi sikhathi esiphila kuso, maningi amathuba okuthi kuzobheduka ezinye izifo. Kufanele sizijwayeze ukwakha eyethu imigomo. Ngifuna ukuhlangana nabo labo sosayensi, ngibatshele ukuthi isimo siyaphuthuma, ngakho abasheshise ukwakhiwa komgomo ukuze silwe nalolu bhubhane.”
Uqhube wathi labo sosayensi kuzofanele basebenzise ulwazi lwendabuko uma sebenza umgomo.
“Umgomo kufanele wakhiwe kwizwekazi lethu, kusetshenziswe ulwazi lwendabuko. Kufanele iphele le nto yokuthi njalo uma kubheduka ubhubhane, sehle senyuka, sifuna umgomo emazweni aphesheya.”
URamaphosa uthe ososayensi bakuleli bawakhombisile amava abo ngesikhathi seCorona, wathi akakungabazi ukuthi bazokwazi ukuqhamuka nalo mgomo.
“Umhlaba wonke uyabahlonipha ososayensi bakuleli ngenxa yamagalelo ababe nawo ngesikhathi segciwane. Ngiyafisa ukuba sibeseke bonke ososayensi bakuleli. Sifisa konke abakwenzayo kuholele ekudalekeni kwabathuba omsebenzi.”
Inkulumo kaRamaphosa ibigxile kakhulu ekulweni neCorona, uzishaye isifuba ngendlela leli zwe elikwaze ngayo ukulwa nobhubhane. Amaqembu aphikisayo akhwele adilika kuRamaphosa, emsola ngokuqhamuka nezethembiso ezingathi shu.
Uthe amaqembu aphikisayo akhetha ukugxila kulokho okungahambi kahle yize kukuningi uhulumeni akwenze kahle. Wathi lawa maqembu akhetha ukumthuka kunokwethula izisombululo ezinkingeni ezibhekne nezwe.