UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa uMnuz Bheki Celw obethula umbiko ngobugebengu obenzeka kuleli ngonyaka ka2017/2018. Isithombe: Sibonelo Ngcobo/African News Agency(ANA)
UMBIKO wakamuva wobugebengu obenzeka eNingizimu Afrika usuveze ukuthi kubulawa abantu abawu-57 ngosuku kuleli. Lokhu kuchaza ukuthi kufe abantu abawu-20 336 ngonyaka ka 2017/2018 kuleli, okuyisibalo esinyuke ngo-6.9% uma siqhathaniswa nesangonyaka ka 2016/2017 . 

Ethula umbiko wango-2017/2018 kwiKomidi lePhalamende elibhekelela ezamaphoyisa kuleli, uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele uthe isibalo sabantu ababulawayo ngonyaka kuleli senze kube ngathi iNingizimu Afrika isempini. Isibalo sababulewe sinyuke ngo-1 320 kanti kuvezwe nokuthi izifundazwe ezihamba phambili okubulawa kuzo abantu yiGauteng, Western Cape neKwaZulu-Natal.

Isibalo samacala okudlwengula kubikwe ukuthi sehle ngo-0.5%. Ukugqekezwa kwemizi kuvele ukuthi kwehle ngo7.5% UCele uqhube wathi kubikwe amacala abucayi angaphezulu kuka-3 million kuleli.