UNGOQNGQOSHE wezokuThutha kuleli uMnuz Fikile Mbalula umemezele ukuthi zimisiwe izitimela nezimoto ezithutha abantu, okubalwa kuzo eze-Uber, Bolt, neYo! Taxi ngesikhathi sokuvalwa kwezwe izinsuku eziwu-21 kusukela ngoLwesine phakathi kwamabili.
UMbalula uveze lokhu ekhuluma emsakazweni iRadio 702 namhlanje ngezinguquko ezizokwenziwa kwezokuthutha kuleli ukunqanda ukubhebhethela kwegciwane iCovid-19 (Coronavirus). Sebewu-705 abaphethwe yileli gciwane kuleli kanti uhulumeni usuxwayise abantu ukuthi lizoqhubeka lisabalale ngesivinini uma zingalandelwa izinhlelo zokulinqanda.
Ngaphandle kokumiswa kwezimoto ezithutha abantu nezitimela, uMbalula uthe bazodedela amatekisi ukuthi athuthe abantu ngezikhathi ezizobekwa ekuseni nantambama.
“Bazobe bengasebenzi (amabhasi, amatekisi, nezimoto ezithutha abantu). Sizohlela ukuthi kubekwe izikhathi zokuthi kusebenze amatekisi ekuseni nantamba. Ngeke zibe khona lezo zikhathi ezitimeleni, zimisiwe. Sisacubungula izindlela zokwehlisa isiphithiphithi nasemabhanoyini,” kusho uMbalula.
UMbalula uthe abasebenzi abenza imisebenzi ebucayi, okubalwa kubo odokotela, abahlengikazi, amaphoyisa, abenza imisebenzi ethinta ukuhanjiswa kokudla, abasemabhange, abalungisa ugesi namanzi, bazovumeleka ukuthi basebenzise amatekisi ezikhathini ezibekiwe ekuseni nantambama.
“Ngeke kube khona tekisi emgwaqeni uma sesidlulile isikhathi sokuthatha abantu,” kuqhuba yena.
UMbalula uthe abaqashi kuzomele bashicilele amaphemithi azosetshenziswa abasebenzi uma bemiswa abezomthetho abazotshalwa emphakathini.
%%%twitter https://twitter.com/MbalulaFikile?ref_src=twsrc%5Etfw">@MbalulaFikileconfirmed e-hailing services - Uber and Bolt - will be suspended during the lockdown. NO trains; no long distance commuting; scheduled travel for essential workers. Listen to the WHOLE interview here --> @Radio702 https://t.co/cqlwRmW1UM
— Eusebius McKaiser (@Eusebius)