UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa kuleli uMnuz Bheki Cele usemezele ukuthi kuzovalwa ukudayiswa kotshwala kuleli ezindaweni ezidayisa utshwala ezinsukwini eziwu-21 zokuvalwa kwezwe ukunqanda ukusabalala kweCovid-19 (Coronavirus).
UCele umemezele lokhu esithangamini nabezindaba ngoLwesithathu ntambama lapho amemezele khona ukuthi zonke izindawo ezidayisa izinto ezingekho bucayi futhi ezingesona isidingo zizovalwa. Kuzo ubale izindawo zokudlela (restaurants), izindawo zobumnadi abale kuzo amakilabhu, izindawo ezidayisa ukudla emgwaqeni, abadayisa izimpahla emgwaqeni, izindawo zokulala abale kuzo amahhotela, ama-lodge, namaCinema. Uthe zivaliwe zonke izindawo eziheha abantu abaningi.
UCele ube eseshayela isipikili ememezela ukuthi zonke izitolo ezidayisa utshwala zizovalwa izinsuku eziwu-21.
“Zonke izindawo ezidayisa utshwala engibala kuzo amathaveni, amashibhini namaShisanyama, zivaliwe. Kulokhu ngeke utshwala budayiswe kusukela ngo-9 ekuseni kuya ku-6, lokhu kuzokwenza umsebenzi wethu ube lula,” kusho uCele.
Uqhube wathi ngisho nasezitolo ezinkulu ezidayisa utshwala kuzobe kungavumelekile. Uthe uyazi ukuthi kunezindawo abantgu abafihla kuzo utshwala ngemuva ezitolo zabo.
“Uma sithola uma sibamba umuntu ethushuka notshwala, ingozi yodwa,” usho kanje. Ngaphezu kwalokho uCele uthe bazobhekana nengalo yomthetho abazobanjwa bephethe utshwala ezimotweni zabo ngezinsuku zokuvalwa kwezwe, okuzophela ngo-Ephreli 16.
Uthe ukuvalwa kwezindawo ezidayisa utshwala kuzosiza kwehlisa izingozi emgwaqeni kanye nodlame oludalwa abantu uma sebephuzile.
UCele uphinde waveza ukuthi kuboshwe ababili KwaZulu-Natal abashaye indiva imiyalelo yodokotela ukuthi bazivalele ngemuva kokutheleleka ngeCorona. Uthe bobabili babhekene necala lokuzama ukubulala.
Kumenyezelwa lezi zinguquko ezweni nje, ngoLwesithathu isibalo sabathelelekile sifinyelele ku-709.