UMNYANGO wezeMpilo kuleli uthi sebengaphezulu kuka-1000 abantu abantu abahaqwe ubhubhane iCoronavirus (Covid-19) eNingizimu Afrika kanti sekushone ababili esifundazweni iWestern Cape.
UDkt Zweli Mkhize uveze lokhu esitatimendeni asithumele abezindaba ngoLwesihlanu ekuseni.
"Namhlanje ekuseni sivusa abantu bakuleli ngezindaba ezibuhlungu zokushona kwababili bebulawa yiCovid-19. Bobabili bashone eWestern Cape, oyedwa esibhedlela esizimele omunye esibhedlela sikahulumeni. Sizodalula eminye imininingwane ngokuhamba kosuku lapho sizomemezele isibalo sabathelelekile sakamuva, esingaphezulu kuka-1000," kusho uMkhize.
Izolo uMengameli Cyril Ramaphosa ePitoli wethula uhlelo lokutshalwa kwamaphoyisa ngesikhathi sokuvalwa kwezwe thaqa izinsuku ezingu-21 okuqale namhlanje kuze kube u-Ephreli 16.
Uthe abantu banovalo lokuthi bangase bahaqwe yiCovid-19, balahlekelwe imisebenzi, bangabi nokudla okwenele, bazogula bahlale emakhaya ngaphandle kokuthola imishanguzo ngenxa yokuthi ngeke bavunyelwe ukuthi baye ezikhungweni zezempilo.
“Banovalo ukuthi bazovaleleka emakhaya. Ngeke bazi bazokwenzani. Nina maphoyisa yazini ukuthi kumele nibe nothando nokuqonda nikwazi ukunika usizo abantu. Lesi yisikhathi sokuthi amaphoyisa anikele ngosizo kubantu bakuleli,” kusho uRamaphosa.
Uthe kusuka ekujuleni kwenhliziyo yakhe uyacela amaphoyisa ukuthi aye emiphakathini eyosindisa impilo yabantu.
“Uma wazi ukuthi uyosindisa impilo, kumele weseke, ulekelele, weluleke, ukhombise ubuholi. Kunalabo abazozama ukuthatha amashansi, abazophonsela uMbuso inselelo, nginomyalezo wabo othi lesi akusona isikhathi sokudlala ngomlilo.”
Uthe lesi akusona isikhathi sokudlala ngempilo yabantu bakuleli.
“Siqinisile uma sithi sisindisa impilo yabantu,” kusho uRamaphosa.
Uthe lawo maphoyisa athatha amashansi, enze okuphambene, azobhekana kabuhlungu nengalo yomthetho. Uqhube wathi ngeke bawabekezelele amaphoyisa athatha kancane abantu bakuleli, aphula amalungelo abo.
URamaphosa uthe siyakhula isibalo sabahaqwe yiCorona ezwenikazi i-Afrika, elakuleli liwahola phambili.
Ufisele amaphoyisa okuhle emsebenzini azobe ewenza.
Uthe yena noMkhuzi wamaPhoyisa kuzwelonke, uGeneral Khehla Sitole, bazobuye bahambe namaphoyisa benza umsebenzi ngalesi sikhathi.
“Akuthina kuphela esilwa neCorona kepha namanye amazwe enza okufanayo,” kusho uRamaphosa.
Uthe i-Afrika izoba nesikhwama esizolekelela amazwe ahaqwe ilolu bhubhane. “Maphoyisa ningenzi izinto ezizohlukumeza amalungelo abantu. Asambeni siyokwenza okulungile, sikhombise abantu indlela. Isikhathi sokukhombisa enanikuqeqeshelwe. Aniqeqeshelwanga ukulwa nobugebengu kuphela kepha nokuhlenga impilo,” kusho uRamaphosa.
Khonamanjalo, imiphumela yokuhlolwa kukaRamaphosa iveze ukuthi akanalo lolu bhubhane kanti kusalindwe eyomholi we-ACDP uMfundisi Kenneth Meshoe oke wahlangana nabahaqwe yiCovid-19.
URamaphosa ubuye watshala amasosha ewanika imigomo nemibandela okumele asebenze ngaphansi kwayo.
Ukhuze amasosha wathi angayi emiphakathini ngenhloso yokuyoshaya abantu kepha awalekelele empini yokuqeda iCorona. “Okwenu ukubuyisela esimeni impilo yabantu, nilekelele amaphoyisa, bese nivikela abantu ekulweni negciwane. Yibani ngabavikeli bezwe nibuyise ithemba kubantu. Abantu bayesaba, bakhathazekile, badliwa umzwangedwa njengoba bezovalelwa emakhaya. Banikeni ithemba ukuthi konke kuzolunga ekugcineni,” kusho uRamaphosa.
Uyalele amasosha ukuthi akhombise oskhwiliphambana nobhoko indlela efanele yokuziphatha.