SESINYUKELE ku-927 isibalo sabantu osekuqinisekisiwe ukuthi banegciwane iCoronavirus (Covid-19) kuleli. UNgqongqoshe wezeMpilo uMnuz Zweli Mkhize uveze lezi zindaba ngoLwesine ntambama osukwini abantu abaningi abaluchithe ezitolo ngaphambi kokuvalwa kwezwe izinsuku ezingu-21, okuzoqala kusasa.
Isifundazwe iGauteng sihamba phambili ngesibalo sabantu abathelelekile njengoba sebewu-409. Ilandelwa yiWestern Cape enabawu-229. KwaZulu-Natal bawu-134 kanti eFree State basabalelwa ku-49. Ungqongqoshe uphinde waveza ukuthi bawu-79 abantu abane-Coronavirus kuleli okusaqinisekiswa isifundazwe abahlala kuzo.
%%%twitter https://twitter.com/hashtag/COVID19?src=hash&ref_src=twsrc%5Etfw">#COVID19cases as at 26 March 2020 pic.twitter.com/J0ujhFPSb5
— Dr Zweli Mkhize (@DrZweliMkhize)
Kusukela kusasa kuyama ukusebenza kuleli kulandela isimemezelo sikamengameli Cyril Ramaphosa sokuvalwa kwezwe.
"Kumele senze konke okusemandleni ukuqikelela ukuthi igciwane kalisabalali nabantu bayavikeleka. Uma singathathi izinqumo ezinqala kukhombisa ukuthi isibalo sabahaqekayo sizokhula kakhulu emasontweni ambalwa ezayo,” kusho uRamaphosa.
Kusukela kusasa kuzotshalwa amasosha namaphoyisa azoqinisekisa ukuthi abantu bayayilandela imigomo ebekiwe.
Abangazochaphazeleka kulesi sinqumo abasebenzi bezempilo ezibhedlela zikahulumeni nezizimele, abenza imisebenzi ebucayi, okubalwa kuyo amaphoyisa kanye nabombutho wezempi nodokotela nabanye abenza imisebenzi ethinta ukuhanjiswa kokudla, abamabhange, abalungisa ugesi, amanzi nabakwezokuxhumana nama-laboratory. Abanye abangathinteki abahlengikazi emkhakheni ozimele nakuhulumeni.
Ungqongqoshe wezokuThutha uMnuz Fikile Mbalalu uthe laba basebenzi bazovumeleka ukugibela amatekisi phakathi kuka-5 no-9 ekuseni, nango-4 ntambama kuya ku-8 ebusuku nsuku zonke. Bavumelekile nokusebenzisa izimoto ze-E-hailing (Uber, Bolt, Yo! Taxi).
Khonamanjalo, amakhosi asenxuse abantu basesizweni zawo abahlala emadolobheni ukuthi bangalubhadi emakhaya ngalesi sikhathi. USihlalo weNdlu yobuHoli boMdabu KwaZulu-Natal inkosi Phathisizwe Chiliza uthe bengondabezitha bathathe lesi sinqumo ukuze bagweme ukubhebhetheka kwaleli gciwane.