SEBENGAPHEZULU kuka-19 000 abantu asebehaqwe yigciwane iCovid-19 eNingizimu Afrika kanti leli gciwane selibulale abanye abawu-30 kuleli. Lokhu kumenyezelwe nguNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke uDkt Zweli Mkhize oveze ukuthi isibalo sabahaqekile sinyuke ngo-1 134 osekusibeke ku-19 137. Ukushona kwabanye abawu-30 sekubeke isibalo sababulawe yileli gciwane ku-369 kuleli.
Ngokwezibalo zakamuva iCovid-19 isakhombisa ukuqhubeka nokugadla kakhulu esifundazweni iWestern Cape njengoba kuvela ukuthi abawu-25 kwabashonile ngabakulesi sifundazwe, abanye abahlanu abase-Eastern Cape.
Leli gciwane selibhubhise abawu-235 eWestern Cape, abawu-50 e-Eastern Cape, nabawu-46 KwaZulu-Natal.
%%%twitter https://twitter.com/hashtag/COVID19?src=hash&ref_src=twsrc%5Etfw">#COVID19cases is 19137 and the total number of deaths is 369. pic.twitter.com/815dOsDq1I
— Dr Zweli Mkhize (@DrZweliMkhize)
%%%twitter https://twitter.com/hashtag/Covid_19?src=hash&ref_src=twsrc%5Etfw">#Covid_19Statistics in South Africa as at 21 May 2020. pic.twitter.com/UUY4g9mNPH
— Dr Zweli Mkhize (@DrZweliMkhize)
Namhlanje usuku lwesi-56 lokuvalwa kwezwe kanti kusukela ngenyanga ezayo izwe lizongena esigabeni sesithathu okuzohambisana nokuthanjiswa kweminye imithetho kathaqa.
Izolo uMkhize udalule ukuthi inhlangano eyangamele ezempilo emhlabeni iWorld Health Organization (WHO) ayihambisani nokuthanjiswa kwemithetho kathaqa kuleli kwazise isibalo sabathelelekile sisakhuphuka.