UNGQONGQOSHE wezeMpilo kuleli, uDkt Zweli Mkhize, udalule ukuthi sebedlulile ku20 000 abantu bakuleli asebehaqwe yigciwane leCovid-19 Isithombe: GCIS UNGQONGQOSHE wezeMpilo kuleli, uDkt Zweli Mkhize, udalule ukuthi sebedlulile ku20 000 abantu bakuleli asebehaqwe yigciwane leCovid-19 Isithombe: GCIS
SEBENGAPHEZU kuka20 000 abantu bakuleli osekuqinisekiswe ukuthi bahaqwe yigciwane leCovid-19 kwathi abangu-28 babulawa yileli gciwane emahoreni awu-24 edlule. Lokhu kubeka isibalo sasebebulwe yileli gciwane sakhuphukela ku-397.
Lezi zibalo zidalulwe nguNgqongqoshe wezeMpilo kuleli, uDkt Zweli Mkhize ngoLwesihlanu ebusuku. UMkhize uthe okunyuse isibalo ukutholakala kwabawu 988 asebehaqekile, okudale isibalo sanyukela ku20 125, kwathi abawu28 basishiya emhlabeni, okwenze isibalo sabashonile sakhuphukela ku397.
Abashonile ngabantu baseWestern Cape, Eastern Cape, Gauteng naKwaZulu-Natal. Kusukela ngoMsombuluko, bangu102 abantu asebebulawe yigciwane leCorona eWestern Cape nase-Eastern Cape.
Kusukela ngoMsombuluko, bangu136 abantu asebebulawe yileli gciwane, okubalwa nezinsolo zokuthi kunosana obeluzalwe kungakashayi isikhathi olufe ngenxa yokuthi unina ubesehaqekile.
Njengamanje izwe lisosukwini lwe57 lokuvalwa kwezwe thaqa, okwasungulwa ngenhloso yokunqanda ukubhebhetheka kweCorona. Ekuqaleni kwale nyanga, iNingizimu Afrika ingene esigabeni sesine sokuvalwa kwezwe, okuvumele abasebenzi abangaphezu kuka1 million babuyela emisebenzini, emuva konswinyo ebelisesigabeni sesihlanu izinsuku ezingu35.
Ukuxegisa imithetho esigabeni sesine kuhambisane nokuphoqwa kwabantu ukuba bahlale begqoke izifonyo nanoma yikuphi. Izitolo zabanqabela abafuna ukuthenga bengawavalile amakhala nemilomo ngezimfonyo.
UMkhize uthe bangu543 000 abantu asebehlolelwe leli gciwane, abangu18 000 bahlolwe emahoreni angu24 adlule.
INingizimu Afrika kulindeleke ukuba ixegise imithetho yokuvalwa kwezwe uma sekungenwa esigabeni sesithathu kusukela ngenyanga ezayo.