IPHINI likaMengameli, uMnuz David Mabuza, izolo libe nomhlangano nobuholi bomdabu licacisa ngesinqumo sikahulumeni sokuvala thaqa izwe izinsuku eziwu-21.
Umhlangano ungomunye kahulumeni nezinhlaka ezimele umphakathi ahlose ngayo ukwesekwa emikhankasweni yakhe yokulwa nobhubhane iCoronavirus (Covid-19).
NgoMsombuluko uMengameli Cyril Ramaphosa uthe izwe lizovalwa kusukela kusasa phakathi kwamabili kuze kube wu-Ephreli 16 ngenxa yokubhebhetheka kwegciwane iCoronavirus.
Sesenyuke safinyelela kubantu abawu-709 isibalo sabahaqwe iCovid-19 ezweni.
UMabuza uthe iningi labantu elihaqwe yiCovid-19 lisezindaweni ezisemadolobheni futhi akusensukuzatshwala lihlasele emakhaya.
UMabuza unxuse abaholi bendabuko ukuthi basabalalise ulwazi kubantu ngeCovid-19 nendlela yokuzivikela.
“Abanye bazozibuza ukuthi kungani sivale izwe. Impendulo ilula, yingoba emhlabeni bekulindwa kuqale kwenzeke isimo ngaphambi kokuthi kube nokwenziwayo ngeCovid-19. Manje sesenza okuthile sivimbela ukwenzeka kwesimo. Lisabalala ngamandla igciwane. Sihlose ukuqeda ukuthelelana kwabantu futhi sinethemba kuzokwenzeka,” kusho uMabuza.
Uthe akukho muntu ovumeleke ukuphumela ngaphandle.
“Abantu bazovunyelwa ukuhambela izitolo beyothenga ukudla bakhokhe nezikweletu, baye ezikhungweni zempilo, bayohola impesheni. Iningi labantu abaholwa ngamakhosi bathola imali yesibonelelo sikahulumeni. Yingakho uMashi 30 no-31 kuzohola abadala nabakhubazekile, bese kuthi ngo-Ephreli 1 kuhole wonke umuntu ohola imali yesibonelelo,” kusho uMabuza.
Uthe iWorld Health Organisation ithe ukuqhelelana kwabantu kuyasiza ukunqanda ukuthelelana ngeCovid-19.
“Inkinga esibhekene nayo ebhebhethekisa igciwane ibangelwa yindlela abantu abaziphatha ngayo. Sisuke sizama ukushintsha indlela yokuziphatha uma sithi hlala ekhaya, uwashe izandla futhi ungazithinti ebususweni okuyindlela yokuziphatha abanye abangayijwayele. Asihlolele isimo sempilo, sizazi. Asiqinise imikhankaso elwa nobhubhane futhi sibeseke asebehaqekile,” kusho uMabuza.
Uthe uhulumeni uxhumane nabamahlelo ehlukene ngaphambi kokuthatha isinqumo sokuvala izwe.
Umengameli weContralesa, inkosi Mathupa Mokoena, uthe bayazibophezela ekusizeni uhulumeni ngezinhlelo anazo ngeCorona.
Uthe babusa izindawo ezinabantu abawu-28 million futhi bajabule ngoba uhulumeni uxhumene nabo ngokuvala izwe izinsuku eziwu-21, wabacacisela ngokumele bakwenze ngezinto ezithinta amasiko.