INKAMPANI ebhaliswe kwiJSE iBrait ithi izovala zonke izindawo zokuzivocavoca zakwaVirgiin Active emazweni ahaqwe yigciwane iCorona (Covid-19). IBrait iphethe izinkampani okubalwa kuzo iVirgin Active, New Look, Iceland Foods nePremier. Imemezele ukuthu kusukela ngoLwesithathu izovalwa iVirgin Active emazweni ahlaselwe yiCorona okubalwa kuwo iNingizimu Afrika, Italy, Thailand, UK, USA, ne-Australia.
Isimemezelo seVirgin Active silandela esikahulumeni wakuleli nabakwamanye amazwe asebevale thaqa ukusebenza njengendlela yokunciphisa ukusabalala kwegciwane.
IBrait izamukele izinyathelo ezithathwa ohulumeni kulawa mazwe ukulekelela amabhizinisi azothikamezeka.
“E-Italy nase-UK ohulumeni bakhona babeke izinhlelo ezihlukene zokweseka amabhizinisi azothikamazeka kakhulu okuyinto ezowagcina esebenza kuphinde kwesekwe nabasebenzi.” kusho iBrait.
Ngesikhathi ememezela ukuvalwa kwezwe izinsuku eziwu-21 uMengameli wakuleli uMnuz Cyril Ramaphosa uthe uMnyango wezamaBhizinisi amancane ubeke uR500 million ukusiza osomabhizisini abasenkingeni. Uthe uma kukhona isidingo sokuthi kusetshenziswe imali ye-UIF ukusiza abasebenzi abasebenzela izinkampani ezincane izosetshenziswa.
Ngaphezu kwalokho, uRamaphosa uthe kubhekwa isiphakamiso sokuthi izinkampani zikwazi ukukhokhela abasebenzi ngaphansi kweTemporary Employee Relief Scheme ezosiza ukuthi kungadilizwa abasebenzi.
Kulindeleke ukuthi uqine umthetho eNingizimu Afrika kulandela isimemezelo sikaRamaphosa kwazise ngoLwesibili ekuseni uNgqongqosghe wezeMpilo uDkt Zweli Mkhize umemezele ukuthi sebewu-554 abaphethwe yiCorona kuleli.