CISHE yisifiso sabesifazane abaningi ukubona indoda ihlaba phansi ngedolo icela umshado. Yize lokhu bekujwayeleke emidlalweni yethelevishini, bayanda abamnyama abakholelwa ekuthembisaneni umshado esidlangalaleni. Isikhathi esiningi owesifazane usuke engazi nhlobo ukuthi uzocelwa umshado. Lokhu kujwayeleke ukwenzeka ezindaweni zomphakathi, kuhlelwe owesifazane engazi.
Ngesonto eledlule uMnuz Scelo Shelembe waseClermont umangaze isithandwa sakhe uNksz Thobile Ntombela esicela umshado endaweni yobumnandi iViews At Twenty5 eThekwini. Bekugujwa unyaka kwavulwa le ndawo yobumnandi. UShelembe osethandane iminyaka emithathu noNksz Ntombela, uthe usezinhlelweni zokuthi bashade. Uveze ukuthi ubone kungcono amthembise umshado kule ndawo ngoba bayithanda kakhulu.
Ngo-Ephreli nonyaka waphenduka isilomo uMnuz Thobile Cawana osebenza kwaSA Navy ezothembisa umshado uDkt Vonani Mpangela obeyisitshudeni e-University of KwaZulu-Natal (UKZN). UCawana wasuka emsebenzini ephelezelwa uzakwabo obemphathele izimbali, okuthe sekubizwa uDkt Mpangela esiteji ukuzothweswa umyezane, wamlinda nendandatho.
Ngo-2016 kusona lesi sikhungo wenza okufanayo uMnuz Sanele Mhlungu waseMgungundlovu owacela umshado kuNksz Nosipho Nguse ezothweswa iziqu. Lezi zithandani zazihlangane khona e-UKZN futhi uMhlungu wayeselobolile ngesikhathi ecela umshado.
Yize lo mkhuba usujwayelekile nakwabamnyama, ihlukene imibono ngawo. Abanye bagxeka laba abathembisana umshado kuthweswa iziqu bathi bafuna ukubukwa. Abanye bakubona kuwukuzifakela ingcindezi emphakathini.
UMfundisi Thandi Ngonelo ongumeluleki wezemishado, uthe abesifazane akumele basheshe bajatshuliswe ukucelwa umshado.
Uthe kumele umuntu ahluze umqondo ngaphambi kokuthi avume.
“Baningi abasanganayo uma umfana eseguqe wakhipha indandatho. Kumele uqale umbuze ukuthi usekhule ngokwanele yini nokuthi unayo yini imali.
“Abanye bakwenza lokhu ukujabulisa omunye nje kodwa bengahlelanga,” kusho yena.
Ngokombiko weWedding Trends Mag, kuningi okumele ukucabange ngaphambi kokucela umuntu umshado.
* Mawube nesiqiniseko sokuthi uzovuma ukuze ungaphoxeki.
* Kungenzeka avume ngoba esesaba ukukuphoxa phambi kwabantu.
* Uma kungumuntu onamahloni kungcono ukwenze ninobabili.
* Makube sendaweni ayithandayo ukuze angalukhohlwa lolu suku.
* Zama ukuqala ngokwenza ucwaningo ukuthi angakujabulela yini ukucelwa umshado kugcwele abantu.