AKUNAMICIMBI ezovunyelwa ezindlini. Lesi yisixwayiso esikhishwe ngokukhulumela amaphoyisa eThekwini Metro, uSenior Superintendent, uParboo Sewpersadh, izolo, engeza nokuthi izimvimbamgwaqo zokubheka abashayela bephuzile ziqiniswe kakhulu kuleli sonto.
Lesi sixwayiso silandela ukuvulwa kotshwala ngoMsombuluko, okwenze kwabonakala ujenge lwabantu ngaphandle kwezitolo ezidayisa utshwala. Olayini luphinde lwabonakala nangoLwesine njengoba abantu besebelayishela impelasonto.
Izitolo ezidayisa utshwala zivumeleke ukuba zibudayise ngoMsombuluko kuya kuLwesine kuphela kulesi sigaba sesithathu.
Noma kunjalo, ukuvakashela umndeni nabangani akukamukeleki. Izolo ntambama uParboo uthe "Imicimbi yasezindlini (house parties) iqalile ngoMsombuluko ntambama. Sizoyivala futhi sizogxila kakhulu kwabakhalaza ngesicefe somsindo nokuphazamisa umphakathi."
Wengeze ngokuthi kunezinguquko ezinqala enhlawulweni ezokhokhiswa abaphula imithetho yomgwaqo ngaleli sonto uma kuqhathaniswa nebikhokhwa esigabeni sesine, okudale zanda izingozi zemigwaqo.
"Sizoqhubeka nezivimbamgwaqo amahora awu24. Abantu abahlale lapho bekhona."
Isikhulu sakwaLiberty Liquor, uClyde Boster, uthe badayise utshwala ngendlela ejwayelekile, akubanga khona ukuthenga ngokweqile.
"Ngenxa yemithetho kathaqa, besivumela abantu abangu59 ngesikhathi kodwa gaphandle kwalokho, abantu bebeziphatha kahle ngaphezu kokuba bengilindele. Bonke abantu ebebengaphandle, besizobangenisa bonke ngesikhathi ukube besingahloniphi imithetho. Bebengabaningi."
UMichelle Kemp wakwaGame Liquor uthe bebebeke imigomo ngotshwala obekumele buthengwe.
"Besingavumi kuthengwe amakesi angaphezulu kwamabili kabhiya nawama-cider nebhokisi elilodwa lewayini noma ikesi elilodwa likabhiya, nelama-cider futhi amabhokisi amabili ewayini kwikhasimende elilodwa. Amabhodlela ayisithupha e-spirit noma ewayini kwikhasimende."
Abezimo ezipguthumayo bathi bakuqaphele ukwanda kwesiminyaminya emgwaqeni.
UShawn Herbs wakwaNetcare 911 uthe zibe ningi izingozi ezweni lonke kusukela sekusele izinsuku ezintathu kuphele isigaba sesine, ikakhulukazi eGauteng.