IQEMBU eselizakhele udumo ngokushubisa izinto ePhalamende, i-EFF, lithuse abaningi izolo lingaphazamisi inkulumo ebhekiswe esizweni kaMengameli Cyril Ramaphosa ngoLwesine.
I-EFF yafunga yagomela ukuthi kuzoba ncane indawo ePhalamende uma kuphela uJanuwari nonyaka uRamaphosa engacacisile ngodaba lwemali ebalelwa kuR500 000 okuthiwa wayinikelelwa yinkampani iBosasa ngesikhathi ekhankasela ukuba umengameli we-ANC.
Ngemuva kwenkulumo kaRamaphosa umholi we-EFF uMnuz Julius Malema uthe bagculisekile ngendlela umengameli aphendule ngayo izinsolo abekwe zona.
“Umengameli waya kuMvikeli woMphakathi, ngaphezu kwalokho waphinde wethula umbiko wakhe (ngomnikelo weBosasa) kwi-eNCA, wathumela nesitatimende kwabezindaba. Esikufunayo nje ukuthi umengameli akwazi ukuphendula uma kukhona asolwa ngakho,” kuchaza uMalema.
Video: Sandisiwe Ntlemeza/African News Agency (ANA)
Video: Sandisiwe Ntlemeza/African News Agency (ANA)
Video: Sandisiwe Ntlemeza/African News Agency (ANA)
URamaphosa uvule inkulumo yakhe ngamancoko ngesikhathi esandlalela eveza ukuthi bavumelene noMalema ukuthi uzocula iculo elithi ‘Thuma Mina’ uma lo mholi we-EFF eba ngumengameli wezwe ngemuva kokhetho.
USotswebhu omkhulu we-EFF uFloyd Shivambu uthe bekungokokugcina uRamaphosa ethula enkulumo yesizwa. Uthe i-ANC izohlulwa okhethweni ngoMeyi.