Odokotela basahlukene phakathi ngodaba lokuthatha ukuthanda ucansi ngokweqile njengesifo Odokotela basahlukene phakathi ngodaba lokuthatha ukuthanda ucansi ngokweqile njengesifo
OWESIFAZANE waseBritain, uRebecca Barker (37), uthi ukuthanda ucansi ngokweqile kwabhidliza umshado wakhe ngoba wayehlezi efuna ucansi kumyeni wakhe.
Engxoxweni neBBC lo wesifazane onezingane ezintathu uveze ukuthi ngezinye izinsuku ukulwenza amahlandla amahlanu kwakungamenelisi.
Uthe inkinga yakhe yokuthanda ucansi odokotela bayiyamanisa nokhwantalala ngokunjalo nokushoda kwekhemikhali ebizwa nge-serotonin, okuyiyo elawula ukuguquka kwemizwa nokulangazelela ucansi.
"Uma ngilifuna ngempela ngangilenza ngisho nakahlanu kodwa nginganeliseki. Ucansi yinto yokuqala ebengicabanga ngayo uma ngivuka ekuseni, lwalungaphumi emqondweni. Yonke into ibingikhumbuza ucansi, umzimba wami bewulifuna la. Uma ngiluthola, ngemuva kwemizuzu emihlanu nje ngiqedile ngisuke sengifuna ukudlulela komunye umzuliswano," kuchaza lo wesifazane.
Uthe ngenxa yalokhu ukhethe ukuzivalela endlini kunokuthi abhekane nabantu.
Uqhube wathi: "Umuntu wokuqala engangithandana naye wayenganankinga nalento kodwa ngasemaphethelweni obudlelwano bethu waqala waba nemibuzo ngokuthi kungani nginje, nokuthi idalwa yini lento. Wangisola ngokuthi ngiyamjolela."
Ngo-2012 odokotela bathola ukuthi uBarker unesifo sokhwantalala ngemuva kokuthola ingane yakhe yesithathu. Lokhu kwaqinisa uthando lwakhe locansi nokwaholela ekutheni ahlukane nayethandana naye ngo-2014.
Odokotela basahlukene phakathi ngodaba lokuthi ukuthanda kakhulu ucansi ngokweqile ngabe kuyisifo noma cha.