IWUNDABUZEKWAYO ivideo yephoyisa likaMasipala weTheku elibonakala lidedela ulabhabha wempama kumshayeli wetekisi okusolakala ukuthi ubhalelwe ithikithi lokulayisha abantu abadlula isibalo esivumelekile etekisini lakhe.
Lo mshayeli ukhala ngokuthi amaphoyisa kaMasipala ayabaxhaphaza ngokubabhalela amathikithi noma bengenzanga lutho bese ewathuka athi ayamda&%$#.
Iphoyisa eliphucile ekhanda livele libuze ukuthi usho kubani ukuthi uyamda*&%# lize limlandele lo mshayeli ayongena emotweni bese behilizisana umshayeli aqhubeke nokuthi yiwona amda*%$# bese lidedela ulabhabha wempama.
Ivideo iphela uzakwabo waleli phoyisa ephebeza eselula yomuntu okusolakala ukuthu ubeshutha ivideo.
Akwaziwa ukuthi leli tekisi belisukaphi kodwa Isolezwe lithinte uMnuz Wealth Gcumisa onguSihlalo kasoseshini wamatekisi ahambela enkabeni yeTheku i-Inner Circle, othe basaphenya ukuthi ngabe owakuphi lo mshayeli nokuthi itekisi lakhe lihambelaphi.
“Akuvumelekile ukuthi amaphoyisa abeke umshayeli isandla noma ngabe wone kangakanani. Uma ephule umthetho kufanele abhalelwe ithikithi bese ehlawula hhayi ukuthi ashaywe. Sisaphenya ukuthi umshayeli owakuphi ukuze sithole kabanzi ngokwenzekile,” kusho uGcumisa.
USenior Superintended Parboo Sewpersad, okhulumela amaphoyisa kaMasipala weTheku, uthe uzokwazi ukuphawula uma eseqoqe imininingwane egcwele ngalolu daba.