Izindaba

BUKA: Ibanjiwe inhlwathi eginge inkukhu eNanda

Jolene Marriah-Maharaj|Published

INHLWATHI engamamitha angu-2.5 itholwe ehhokweni eNanda Isithombe: SITHUNYELWE

INHLWATHI engamamitha angu-2.5 itholwe ibunyalele ehhokweni isanda kuginga inkukhu ephelele.

Owesilisa owaziwa ngelika-Arnold The Snake Catcher, uthi uthole ucingo oluvela kubanikazi bomuzi ngalolu daba.

“Bathi bangene esibayeni sezimbuzi nalapho kunehhoko lezinkukhu ngesikhathi bebona inyoka. Bathole inombolo yami bangishayela ngaleso sikhathi.

“Umlisa ongishayelile uvele wathi kunohalakasha lwenyoka futhi lubukeka sengathi lugwinye okuthile.” kusho u-Arnold.