USIHLALO weDelangokubona Business Forum, uMnuz Nathi ‘Bhamuza’ Mnyandu uveze ukuthi bafuna ukwazi ukuthi imali yamaciko KwaZulu-Natal idliwa ngobani. Isithombe: GCINA NDWALANE

ISISUNGULE inhlangano ezolwela ukuxhashazwa kwamaciko KwaZulu-Natal, inhlangano yosomabhizinisi edume ngokufuna amathenda ngenkani, iDelangokubona SA Business Forum.

Le nhlangano ibize isithangami sabezindaba lapho ithule khona inhlangano yamaciko engaphansi kwayo, iTrack Visual Dimensions (TVD) ePavillion Hotel, eThekwini ngoLwesine.

I-TVD iholwa uMnuz Thulani Dlamini ophinde abe yilungu leDelangokubona, bese kuthi iphini lakhe kube ngumrepha ophinde abe ngumlingisi woZalo, uMxolisi “Zuluboy” Majozi.

Le nhlangano kuvele ukuthi ilwela izinguquko ezinqala kwezomnotho kumaciko asesifundazweni.

UDlamini uthe kuzophela ukuhlomula kwabaculi ababodwa, bazolwela ukuthi nabanye abaculi bahlomule.

Uthe awukho umcimbi ozokwenziwa endaweni ngaphandle kokuqashwa kwabaculi bendawo.

Uqhube wathi bazoyivala leyo micimbi, abasabi lutho bona, kade babeboshwa.

NgokukaZuluboy sebewuqalile umsebenzi njengoba ngeledlule behambe bayophazamisa iKZN Music Imbizo ebiseMoses Mabhida Stadium.

“Besifuna ukuyoxoxa nabahleli bayo Imbizo ukuthola ukuthi kungani bekhokhisa amaciko asafufusa uR350 ukungena.

“Bathi bayithathaphi imali. Siphinde saya nasePlayhouse lapho sikhulume nesikhulu sakhona sifuna ukwazi ukuthi kungani ivalela amaciko asesifundazweni ngaphandle,” kusho uZuluboy.

UMREPHA uMxolisi "Zuluboy" Majozi uchaza kabanzi ngenhlangano entsha yamaciko ayiPhini likasihlalo wayo iTrack Visual Dimensions (TVD) esithangamini sabezindaba ebesise Pavillion Hotel, eThekwini ngoLwesine. Le nhlangano ingaphansi kwenhlangano yosomabhizinisi iDelangokubona SA Business Forum. Video: S'MANGELE ZUMA

Uthe kumphatha kabi ukuthi uneminyaka engu-12 ekulo mkhakha kodwa usalambile esiswini.

Usihlalo weDelangokubona uMnuz Nathi “Bhamuza” Mnyandu uthe uyazi ukuthi iTVD izonyakazisa esifundazweni ngoba basebenzisana namadoda anesibindi, enza izinto zenzeke.

“Saziwa kabi, njengabantu abadlovayo. Sikwenza lokho ngoba sesikhathele ukuxhashazwa kwabantu bakithi. Izwe vele labuya ngegazi nobudlova. Asenzeli thina, senzela intsha yakusasa nokuqeda amaphara,” kusho uMnyandu.

Uthe i-TVD bafuna ibabuyele nezimpendulo ukuthi uMnyango wezoBuciko namaSiko esifundazweni iyishonisaphi imali yokuthuthukisa amaciko.

IProject Manager yeKZN Music Imbizo, uSphephelo Mbhele uzwakalise ukudumala ngesenzo seTVD sokuphazamisa umcimbi wakhe athe uthuthukisa amaciko asafufusa obuseMabhida.

Uvalwe esakhuluma, kwathiwa lolu daba luzokhulunywa ngasese.