ANGENE ngevosho amalungu e-EFF ePhalamende ngesikhathi efungiswa namhlanje

ANGENE ngevosho ePhalamende amalungu-EFF ngesikhathi kufungiswa amalungu ePhalamende eKapa ngoLwesithathu.


Kuzokhumbuleka ukuthi esinye seziqubulo ezihambe phambili ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi sokhetho kube ngese-EFF esithi #Okusalayo sizovotelal i-EFF. Kuthe sekucaca imiphumelo ngemuva kokhetho lokaMeyi 8, ama-red beret aqala athi ‘sizongena ngevosho’ ePhalamende sekucacile ukuthi i-EFF izokwandisa izihlalo zayo.


NgoLwesithathu umholi we-EFF,uMnuz Julius Malema ubehola amanye amalungu eqembu becula beshaya namavosho ngaphamabi kokufungiswa ePhalamende.


Nangesikhathi eseyofungiswa uMengameli wamaJaji, uMalema ushone phansi wadedela enye ivosho, okwenziwe cishe yiwo wonke amalungu e-EFF.

Ngemuva kokulala endaweni yesithathu okhethweni lukazwelonke i-EFF ithole izihlalo eziwu-44 ePhalamende.

NgoLwesibili umengameli we-ANC ozofungiswa njengomengameli wezwe ngoLwesihlanu, uMnuz Cyril Ramaphosa uncome i-EFF ngemiphumela eyithole okhethweni wathi isebenzile ngoba ngisho ezifundazweni  yenze kahle.