INHLAMBA ibindiza phezulu ngesikhathi abalandeli balowo obenguMengameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma bemasha emgwaqweni uLangalibalele eMgungundlovu lapho umholi wabo kade evela khona eNkantolo eNkulu yakuleli dolobha mayelana namacala enkohlakalo nokukhwabanisa athinta uthengwa kwezikhali.
Kume yonke into kwaphazamiseka nokuhamba kwezimoto ngesikhathi amakhulu abalandeli baZuma beholwa omakadebona boMkhonto weSizwe bemasha belibangise eFreedom Park eduze kwasenkantolo ngoMsombuluko ekuseni.
Abalandeli baZuma bebecula bethuka nenhlamba. Bebebuye bathi uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli uMnuz Bheki Cele akakhuze izinja zakhe zihlukane phansi noMsholozi.
Abalandeli baMnuz Jacob Zuma bebecula ngaphandle kweNkantolo eNkulu eMgungundlovu.
Video: Mlungisi Gumede
Bebethi uZuma akayekwe phansi ngoba akenze lutho.
Abalandeli bakaZuma bakhala ngokuthi leli cala selidonse isikhathi eside njengoba laqala ukungena enkantolo ngo-2005, kodwa aliqedwa ukuqulwa.
nkantolo ibilalele isicelo sikaZuma sokuthi leli cala lichithwe ngoba selidonse isikhathi eside.
Owayengumengameli kuleli uMnuz Jacob Zuma eNkantolo eNkulu eMgungundlovu lapho afake khona isicelo sokuthi kuhoxiswe amacala abekwe wona.
Isithombe: JACKIE Clausen / Pool
Kuhlelwe ukuthi ukulalelwa kwalesi sicelo kuthathe izinsuku ezintathu.
Enkantolo bekungongaphansi nongaphezulu phakathi kombuso nabameli bakaZuma.
Icala lingene ekuseni njengoba lidonse cishe usuku lonke lwasenkantolo.
Ngesikhathi sokuhlaba ikhethu uZuma bekuhlelwe ukuthi akhulume nabalandeli bakhe kodwa lokho kwaphazamiseka njengoba kubuye kwathiwa uzokhuluma nabo ngo-4, ntambama ngemuva kokuguqa kwenkantolo.
Phakathi kwabaholi abebekhona enkantolo bezomeseka uZuma kubalwa kubo uMnuz Des van Rooyen, Mnuz Carl Niehaus, Mnuz Super Zuma noMkhulumeli we-ANC eKZN uNkk Nomagugu Simelane-Zulu.
Bekukhona nendodana yakhe uDuduzane.