BUBUYISELWE ngo-elethu ezikhundleni ubuholi be-ANCYL esifundeni iTheku ngemuva kokukhethwa ngaphandle kokuphonselwa inselelo engqungqutheleni ebisenkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida.
Bekuvele kulindelekile ukuthi uMnuz Thembo Ntuli ophinde wakhethwa waba uSihlalo noMnuz Thinta Cibane naye ophinde wakhethwa waba uNobhala ukuba babuye. Amalungu alolu phiko eThekwini kade ehlale elibeke ngembaba elokuthi bawubuholi obubuyayo.
Ingqungquthela yaseThekwini ngenye yezindlela yokulungisela ingqungquthela kazwelonke yalolu phiko okuhlelwe ukuthi ibe ngesonto elizayo eNasrec, eGoli.
Abukeka emancane amathuba okuthi ingqungquthela kazwelonke ingaba khona ngesonto elizayo njengoba kumanje bamatasatasa ngezingqungquthela zezifunda.
Ukubuyiswa kobuholi bukaNtuli noCibane kuqinisa umkhankaso kaNobhala we-ANCYL KwaZulu-Natal, uMnuz Thanduxolo Sabelo, ogaqele isikhundla sokuba ngumengameli we-ANCYL.
ITheku yisona sifunda sokuqala esaphumela obala sathi sifuna ukuthuma uSabelo esikhundleni sikamengameli wentsha.
Ethula inkulumo yakhe ngesikhathi sekuvalwa ingqungquthela uNtuli uthe into yaseThekwini icacile bona bafuna uSabelo ukuba abe ngumengameli wabantu abasha.
“Sizoya eNasrec siyokhetha uThanduxolo (Sabelo) abe wumengameli omusha wabantu abasha ngesikhathi sengqungquthela kazwelonke. Sizonxusa nezinye izifunda zesifundazwe nezinye izifundazwe ukuba nazo zimvotele,” kusho uNtuli,
Uthe umkhankaso wabo kade waqala manje sebelinde ingqungquthela.
UMnuz Jem Sithole waseMoses Mabhida, eMgungundlovu, uthe nabo balungiselela ingqungquthela yesifunda sabo ezoba khona maduze.
“Isifunda sethu siseka uThanduxolo kwesobumengameli wentsha,” kusho uSithole.
USabelo, osekwa kakhulu yiKZN neMpumalanga, ubanga isikhundla nabantu abaningi okubalwa kubo uMnuz Reggie Nkabinde onguMgcinimafa-jikelele we-ANCYL, Mnuz Mcebo Dlamini wodumo lwe-#Fees Must Fall noMnuz Sifiso Mtsweni, uSihlalo wesikhwama esibhekelele ukusiza intsha, iNational Youth Development Fund.