Ikhansela le-DA eBergville, uMnuz Michael Indlela-ibuzwakwabaphambili Buthelezi, lithweswe wumbuso amacala okufa kwamalungu omndeni.
Image: SIGCINIWE
BUBHEKWE ngabomvu ubufakazi obuzothulwa yikhansela le-DA, eNkantolo yeMantshi yaseMnambithi namhlanje mayelana nokungqongqa kwamalungu omndeni walo.
Ikhansela le-DA eBergville, uMnuz Michael Indlela-ibuzwakwabaphambili Buthelezi, lithweswe wumbuso amacala okufa kwamalungu omndeni.walo
Umbuso usola ikhansela ngokuba wungqondongqondo ekubulaweni kwamalungu alo ngomlilo. Kulesi sehlakalo kwashona unkosikazi kaButhelezi nezingane zakhe ezintathu.
Ngemuva kwesigameko uButhelezi wafonela umngani wakhe ohlala buqamama naye, emtshela ukuthi makazomlekelela ngoba kukhona abashisa umndeni wakhe.
Ngokuhamba kwesikhathi leli khansela lakhalelwa ngamasongo kaSigonyela, lisolwa ngokubulala umndeni walo.
Sekuze kwaba amahlandla amabili uButhelezi ekhala ngokugula uma sekufanele athule ubufakazi. Ngokobufakazi obusenkantolo obethulwa ngomunye wodokotela, kwavela ukuthi abafi babulawa wumlilo.
Waveza nokuthi ngaphambi kokuba abulawe wumlilo, umkakhe wayegwazwe ngento ecijile ekhanda walimala kabi wase equleka.
Kwavela nokuthi kwaba nokuhilizisana phakathi kwaleli khansela nomkalo, okusolwa ukuthi yikhona kanye okwaholela ekutheni lishise umuzi unamalungu omndeni.
Namhlanje kulindeleke ukuthi kuzwakale ukuthi uButhelezi uzothini njengoba uMbuso wenekele imantshi ubufakazi bokuthi wuButhelezi uowashisa umuzi wakhe ngamabomu.
Related Topics: