NOKUBONGWA PHENYANE
ABENGADEDELI lutho oludlula emgwaqweni izolo eMaoti, eNanda, amaphoyisa ngemuva kombhikisho obe ngoMsombuluko lapho kugcine kudubuleke khona amalungu omphakathi amathathu edutshulwa izigebengu okuthiwa zihlalise kabi umphakathi.
Isolezwe libike ukuthi ngempelasonto kule ndawo kudutshulwe abantu abathathu abebehlala endaweni eyaziwa ngokuthi kuseNigeria, abahlaselwe izigebengu beziphuzela zafike zababamba inkunzi.
Kuthe ngeSonto umphakathi obuthukuthele ugane unwabu wavuka umbhejazana wafuna izigebengu kwaphetha ngokuthi kubulawe umfana oneminyaka engu-18, okuthiwa wayeshutha iqulu labantu elalithungatha imigulukudu.
NgoMsombuluko bekungaphumi futhi kungangeni lutho kuleli lokishi umphakathi ufuna izigebengu esitikini ngenxa yokuthi ukhathele ukubulawa kwabantu nsuku zonke endaweni.
Kodwa lo mbhikisho awuphethanga kahle njengoba kuvela ukuthi izigebengu zidubule zabulala abathathu okungoMnuz Bonginkosi Dladla, Simon Mofokeng noSanele Khumalo.
Laba kuthiwa bebeyingxenye yamalungu omphakathi abesehlale isikhathi eside enkundleni yezemidlalo elinde izikhulu zamaphoyisa nezikahulumeni obekuthiwa ziyeza zizokhuluma nabo.
Kuthiwa ngesikhathi sebebona ukuthi sebehlale isikhathi eside enye ingxenye ivele yakhetha ukuthi iye emakhaya iyodla ibuye uma kufika izikhulu.
Kuthiwa kulapho izigebengu zibathole khona, zabatshela ukuthi "ziyabagcwalisela".
Umthombo weSolezwe uthe okwenzekile kubathusile futhi kucace bha ukuthi izigebengu ziyabahlula bengumphakathi.
"Namhlanje nje akukho lutho kuthule, siyesaba abaningi bakhuluma indaba yokushiya kule ndawo. Kodwa kunabantu abakhe imizi emikhulu okungelula ukuthi bayishiye noma kanjani. Ababhekele izinhlangano zokuphepha komphakathi abenze ngamandla ngempela bakhulume nezikhulu zamaphoyisa kulethwe amasosha," kuchaza umthombo. Lo mthombo uveza lokhu nje, sekuke kwaqapheleka ezinkundleni zokuxhumana ukwanda kwemizi edayisayo eNanda.
Ekhuluma neSolezwe uMnuz Zoli Zimba, osenhlanganweni elwa nobugebengu uMkhumbi kaNowa uthe bajabule ngamaphoysa abawabonayo njengoba esesha abantu emgwaqweni nezimoto ezingenayo.
Uthe akukho mbhikisho okhona, sebelinde uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Senzo Mchunu ukuthi afike kubo.