KUSHONE othisha abangu-1 678 kusuka nyakenye kuze kube uFebhuwari kulo nyaka ngenxa yeCovid-19.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo eyiSisekelo, uNkk Angie Motshekga, izolo ethula isabelo sezimali salo mnyango emkhandlwini wezifundazwe ePhalamende.
Uthe leli gciwane libe nomthelela omubi kwezemfundo njengoba kushone abantu abangaka cishe ngonyaka owodwa.
Uqhube wathi benza konke okusemandleni ukuvikela othisha ukuthi bangasuleleki ngaleli gciwane.
“Yingakho sithi othisha kubalulekile ukuthi bagomele leli gciwane. Noma isimo sinje, sivumelene futhi ukuthi bonke abafundi basemabangeni aphansi kumele babuyele ezikoleni kusuka ngoJulayi 26. Lokhu sikwenza ngoba sibona ukuthi kukhona izinto ezingahambi kahle njengoba befunda ngokuhlukana, abanye bafunda isonto elilodwa bese behlala emakhaya bese kufunda abanye.
“Ukubuya kwabo bonke abafundi akunawo umthelela wokuthi bonke othisha kumele bagome,” kusho uMotshekga.
Usho lokhu nje kumele kuqalwe ukugonywa kothisha kuleli njengoba KwaZulu-Natal kulindeleke ukuthi kuqale namhlanje.
UNkk Motshekga uthe isabelo somnyango, kuhlanganisa neminyango yezifundazwe, ngu-R288.7 billion kulo nyaka wezimali. Le mali yehliswe ngo-8.4% kanti izifundazwe ezehliselwe kakhulu yi-Eastern Cape, KwaZulu-Natal neLimpopo.
Uthe isinqumo sokuthi kuvalwe ezemidlalo, njengoba kusadlange leli gciwane, sisamile.
IPhini likaNgqongqoshe walo mnyango, uDkt Reginah Mhaule, lithe unyaka odlule ube nzima ikakhulukazi kwingqalasizinda njengoba kungazange kwakhiwe sikole ekoteni yokuqala yonyaka ngenxa yeCovid-19 nokuvalwa kwezwe.
UDkt Mhaule uthe nasekoteni yesibili kube nezinkinga njengoba bekungadingeki ukuthi abanye abasebenzi baye kwezinye izifundazwe.
“Zingu-1 104 izikole esezinamanzi kwezingu-1 228. Ezisele ezingu-157, zizofakelwa amanzi eminyakeni ezayo. Sekuphothuliwe ukufakwa kukagesi ezikoleni ezingu-373, safaka izindlu zangasese kwezingu-748. Kusele ezingu-2 102 ezidinga izindlu zangasese, esilindele ukuthi umsebenzi wokwenza lokhu uphele eminyakeni emibili ezayo,” kusho uDkt Mhaule.