OSOMABHIZINIZI abancane abalahlekelwa yizinto zabo ngesikhathi sezibhelu zangoJulayi, besulwe izinyembezi ngesikhathi uMasipala weTheku ubaxhasa ngezinsiza-kusebenza ukuze bakwazi ukuqhubeka namabhizinisi abo.
UMasipala weTheku uxhase osomabhizinisi baKwaMashu abangu-83 ngezinsiza ezehlukene zokusebenza ngoLwesihlanu.
UNksz Tholakele Msomi, weThobelo Bakery and Cooking odayisa ukudla, amakhekhe neziphuzo eduze kwaserenki KwaBester, uxhaswe ngesitofu segesi, ifriji, amabhodwe nezitsha zokuphakela. UNksz Msomi uthe ibhizinisi lakhe alisahambi kahle ngenxa yokuthi abantu abaningi abasasebenzi njengoba amafemu nezinye izindawo zashishwa ngalesi sikhathi kodwa usaqhukuza ukuze izingane zilale zidlile.
"Ifriji lizongisiza ekutheni ngenze amaqhwa amaningi engiwasebenzisela ukubandisa iziphuzo zami. Bekunzima ukukwenza ekhaya ngefriji elibuye lifake izinto zasekhaya. Amabhodwe amakhulu azokwenza ukuthi ngipheke kanye ngosuku," kusho yena.
UMnuz Bongumusa Goba weGreen Afrika Landscape, oxhaswe ngemishini yokugunda utshani, uthe kuzomsiza kakhulu ukuthola lolu xhaso ngoba izimpahla zakhe zokusebenza zebiwa zonke ngesikhathi sezibhelu, usephila ngokuboleka imishini kwabanye osomabhizinisi.
"Ngilimale kakhulu ngezikhathi sezibhelu kodwa ngibonga ukuthi umasipala welule isandla, usilekelele ukuze sisukume sikwazi ukuzimela futhi," kusho yena.