UDickson Naidoo ozinikele emaphoyiseni ngemuva kokubulala inkosikazi yakhe e-Eastbury,ePhoenix. Isithombe: Facebook

OWESILISA wasePhoenix eThekwini ozinikele emaphoyiseni kuleli sonto ngokubulala inkosikazi yakhe, uthe ubesekhathele ukuyinakekela njengoba ezimuke ngokweqile futhi ehlala embhedeni engakwazi ukunyakaza.

UMnuz Dickson Naidoo (64) kuthiwa waqala ukuzama ukubulala inkosikazi yakhe, uDhunalutcmee (69) ngokumklinya ngomqamelo. Ngemuva kokuhluleka wabuya nommese omkhulu wasekhishini wamnquma uqhoqhoqho, wabe esezinikela esiteshini samaphoyisa ePhoenix.

UNaidoo uvele enkantolo yeMantshi eVerulam ngoLwesine lapho angamoshanga khona isikhathi, wathi ucela ukugwetshwa ngoba ukwenzile asolwa ngakho.

Umthombo othembekile osondelene nophenyo, uthi uNaidoo uveze ukuthi ubesekhathele ukunakekela inkosikazi yakhe.

“Uyichaze njengomuntu obezimukile kakhulu wathi ubesehluleka ngisho ukumlekelela aye kogeza. Uthe ubekwazi ukukwenza lokhu phambilini kodwa ubesehluleka ngenxa yokuguga. Uthe akekho obemlekelela, lento ibisimcika,” kusho umthombo.  

Kuthiwa inkosikazi yakhe ibinesifo esingaziwo esiyenze yahlala embhedeni isikhathi eside. Laba bashadikazi bebehlala ndawonye eflethini elise-Eastbury eThekwini.

UNaido wazise amaphoyisa ukuthi indodana yakhe yadlula emhlabeni, indodakazi yakhe ngakolunye uhlangothi usekubhaceni ibalekela amaphoyisa njengoba ifunelwa icala lokweba.

“Uthe ukubulala umkakhe isona sisombululo abesele naso sokuqeda ubuhlungu abebuzwa,” kuqhuba umthombo.

Omakhelwane bathola lo wesifazane efile embhedeni kugcwele igazi. Omunye umakhelwane uveze ukuthi uNaidoo uke wazama ukucela usizo lokuthi umkakhe afakwe ekhaya labadala noma labantu abadinga ukunakekelwa kwanhlanga zimuka nomoya njengoba enganawo umbiko ovela kudokotela ngesimo sakhe sempilo.

Icala lisaqhubeka.