ABAMABHIZINISI nabamaqembu ezepolitiki beseka uhulumeni ngezinhlelo azenzayo zokulwa negciwane iCorona elihlasele kuleli.
Lokhu bakusho izolo kwisithangami sabezindaba emuva komhlangano noMengameli Cyril Ramaphosa.
Umengameli ekhuluma bukhoma kwi-eNCA izolo, uthe ube yimpumelelo umhlangano nosomabhizinisi nabanye abaholi bamaqembu ezepolitiki.
“Kuyathokozisa ukuthi sibona ngaso linye sinosomabhizinisi nosopolitiki ngoba sibheke ukuqinisekisa ukuthi abantu bakuleli baphephile,” kusho uRamaphosa.
UMusiuoa Lekota weCope uthe yisikhathi sokuthi abakuleli bahlangane benze okufanele ezweni labo.
“Sonke asibheke okushiwo wuhulumeni, silapha nje ukusho ukuthi siyaziseka izinhlelo zokulwa neCoronavirus,” kusho uLekota.
Inkosi Mzamo Buthelezi, ye-IFP inxuse abantu ukuthi bangatatazeli kulesikhathi esinzima esibhekene naso.
“Siyanxusa labo abanabasebenzi basezindlini ukuba babalekelele abasebenzi ngokubathengela izibulala-magciwane nezifonyo kokuzivileka,” kusho uButhelezi.
UMnuz Sandile Zungu omele iBlack Business Council (BBC), uthe bengosomabhizinisi bayasebenzisana nohulumeni ukuxazulula lesi simo. Uthe kuzo zonke izinqumo uhulumeni azithathayo bazomeseka ngoba le nhlekelele ibathinta bonke.
Khonamanjalo uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi kuleli uNkk Lindiwe Zulu, uxolisile nge-video yakhe evele ezinkundleni zokuxhumana lapho ebethi uyehluleka ukuhlala endlini ngenxa yeCoronavirus.
Uthe njengabo bonke abantu bakuleli naye uzizwe engaphansi kwengcindezi ngenxa yaleli gciwane wagcina esekhulume kanjena. Uthe uyaweseka umyalelo kaRamaphosa wokuthi abantu bagweme izindlela eziningi ukuze bavike ukuthelelana ngegciwane.
Umholi we-ACDP uMfundisi Kenneth Meshoe, uhlolelwa lolu bhubhane ngemuva kokuhlangana nabantu okutholwe ukuthi bahaqekile. Okwamanje uhlezi yedwa aze athole imiphumela. Uke wahlangana noRamaphosa kanti uNgqongqoshe ehhovisi likaMengameli uMnuz Jackson Mthembu uthe umengameli uzohlola uma kukhona izimpawu zaleli gciwane. URamaphosa uhlangane nomkhandlu omluleka ngezinto ezithinta icorona kanti usezokhuluma nesizwe namhlanje njengoba bekulindeleke ukuthi akhulume nesizwe izolo ebusuku kodwa kwangenzeka ngenxa yokudonsa kwalo mhlangano.