ASEPHUMELE obala amalungu amagatsha angu-110 e-ANC eThekwini aseka isinqumo sesigungu esiphezulu sale nhlangano KwaZulu-Natal sokumkhomba indlela obeyimeya uNkk Zandile Gumede nethimba lakhe.
Izolo emhlanganweni wamagatsha e-ANC eThekwini obuse-Olive Convention Centre (OCC), kucacile ukuthi ayahambisana nalesi sinqumo.
Kulo mhlangano bekukhona abalandeli be-ANC, ubuholi emagatsheni, amakhansela, abefundisi nabanye abeseka ukuba uNkk Gumede akhonjwe indlela.
Isitatimende esifundwe uMnuz Siya Thango sithe: “Sihlangene lapha ukuzoveza ukweseka kwethu isinqumo sobuholi be-ANC eKZN. Kuyinto esobala ukuthi kube nezinkinga eThekwini ekuletheni intuthuko emphakathini njengoba nemibiko ibikuveza lokho. Ubuholi buphendule ngokuba kuxoshwe obeyimeya nethimba lakhe.”
UMnuz Bheki Ntuli noMnuz Thabani Nyawose, abasebuholini besikhashana besifunda bathe ngeke bakubekezelele ukuba kube khona abantu abathuka inhlangano ngezenzo zabo.
Baqhakambise ukuthi abakhala ngesinqumo esathathwa ubuholi kumele basebenzise izindlela zenhlangano ezaziwayo zokukhala bangalwi bacule amaculo anodlame ngoba lokhu ngeke kusize muntu.
Umhlangano wayizolo bathe awuhlangene nengqungquthela yobuholi baseThekwini be-ANC ezoba khona futhi abagqugquzeli ukuhlukana phakathi kodwa bafuna ubumbano enhlanganweni.
Kulo mhlangano bekukhona nobeyibamba lemeya uNkk Fawzia Peer.
UMnuz Zenzele Thabethe oyilungu le-ANC eThekwini uxolisile wathi umhlangano bekuhlelwe ukuba ube seDUT kodwa ngenxa yokubona ukuthi ihholo lizoba lincane wayiswa e-OCC.
KuFacebook, okusolwa ukuthi okaNkk Gumede, emva kwalo mhlangano bekubhalwe ukuthi: Bahlangene phezulu kanti phansi bangamahele.