BELIWUKHUTHALELE umsebenzi walo wokuvalela izigelekeqe, iphoyisa elidutshulwe ngabasolwa abangaziwa lidlala i-snooker endaweni yokucima ukoma ekwa-C eMlaza, ngoLwesibili ntambama.
U-Sergeant Siyabonga Radebe (34) obeyiphoyisa ngaphansi kophiko lwe- K9 eMlaza, kuthiwa ubejwayele ukuzichithela isizungu ngokudlala i-snooker kule ndawo eseduze kwakubo.
Ngesikhathi Isolezwe lifika endaweni okwenzeke kuyo isigameko izolo ekuseni, abantu bebesami izixongololo kubonakala ukuthi basashaqekile.
Bamchaze njengephoyisa ebeliyinkukhu nempaka nezigebengu okubalwa kuzo nezaziwayo endaweni.
Omunye obekhona kudutshulwa uRadebe okhulume neSolezwe wacela ukungadalulwa, uthe wehliswe yimoto yamaphoyisa sekuqala ukuhwalala wahamba waya kubo wabuya emva kwesikhashana esekhumule umfaniswano wamaphoyisa.
“Igazi belimshiya. Ngesikhathi ebuya kubo ume ngemva kwami ngaphandle kwalapho kudlalwa khona. Ujwayele ukufika adlale, kodwa izolo (ngoLwesibili) baze bambiza ngaphakathi bathi akazodlala sikuyigemu yakhe.
“Ayiphelanga imizuzu eyishumi engenile, kwangena amadoda amabili amdubula phambi kwethu, okuthe uma ewa abaleka,” kusho umthombo.
Uthe ngesikhathi bebaleka amanye amalungu omphakathi alifukulile iphoyisa alifaka emotweni yomunye, aliphuthumisa esibhedlela okuyilapho lifike lashonela khona.
Umndeni wakwaRadebe unqabile ukukhuluma nezintatheli, ngesikhathi zifika kulo muzi izolo. Bekunedlanzana labebelungisa egcekeni obekubonakala ukuthi bagcwele umunyu, abezindaba bayalelwe ukuthi abahambe kwazise umndeni awukabikho esimeni sokukhuluma.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uColonel Brenda Muridili unxuse abanolwazi olungalekelela amaphoyisa ukuthola umkhondo ukuthi bashayele inombolo yokubika ngobugebengu ethi: 086 00 10111 noma babike kwi- app yawo i-MySAPS. Uthe amaphoyisa ezingeni lesifundazwe enza konke okusemandleni ukuqoqa izinsiza ezizolekelela ekwenzeni uphenyo ngokushesha.
Ukubulawa kukaRadebe kulandela eduze komphathi-siteshi eNdwedwe obebambile uColonel Jabulani Ndawonde odutshulwe ngenyanga edlule ehamba ngemoto yamaphoyisa ebheke ekhaya. NgoMsombuluko, amaphoyisa atholane phezulu nabane abasolwa ngokubulala uNdawonde kwafa abathathu nezinja zamaphoyisa ezimbili.
Ngenyanga edlule ngaphambi kokubulawa kukaNdawonde, uNgqongqoshe wamaphoyisa uMnuz Bheki Cele ekhipha izibalo zobugebengu zekota yonyaka, wathi ezinyangeni ezintathu kuphela unyaka uqalile, sekubulawe amaphoyisa angu- 24 kuzwelonke.