ODOKOTELA bathi bekuvele kulindelekile ukuthi umgomo i-AstraZeneca ungalwi ngokuphelele negciwane iCovid-19 eselizishintshile elitholakale eNingizimu Afrika.
UDkt Angelique Kotze umengameli wenhlangano yodokotela iSouth African Medical Association (SAMA), uthe imiphumela ekhomba ukuthi lomgomo awuvikeli ngokuphelele awubamangazanga ngoba bebevele bekucabanga ukuthi kungenzeka ungasebenzi ngenxa yokuthi igciwane selizishintshile.
"Okwenzeke kuleli kuyenzeka nakwamanye amazwe. Maningi amanye amazwe athenge imigomo engakabi nalo ulwazi lokuthi leyo migomo izosebenza yini. Ngasohlangothini lwethu akukhona ukuthi umgomo awusebenzi, umgomo uyasebenza kodwa awuyilungele iNingizimu Afrika ngoba igciwane lizishintshile," kusho uDkt Koetze.
Uqhube wathi uyazi ukuthi abantu abaningi bebejahe ukuthi kugonywe ukuze babuyele empilweni ejwayelekile okuyinto okungelula ukuthi yenzeke.
"Noma ngabe abantu bebegomile bebesazoqhubeka bafake izifonyo baqhelelane ngoba igciwane liyashesha ukuzishintsha. Ukugoma okwamanje yikhona okungasisiza ngoba alikabi khona ikhambi nakho ukugoma kumele kube yinto esheshayo igciwane lingakazishintshi," kusho yena.
Uthe miningi imigomo esahlolwa ezongena emakethe maduze kuleyo migomo uthe kungenzeka ube khona olungele iNingizimu Afrika.
UDkt Julio Oliviera weNyuvesi yaKwaZulu-Natal, uthe kubalulekile ukuthi iNingizimu Afrika isebenzise umgomo ososiza ekutheni kunciphe abantu abazodinga ukulaliswa esibhedlela ngoba inkinga enkulu ukugcwala kwezibhedlela.
UNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Zweli Mkhize ukumisile okwesikhashana ukusatshalaliswa komgomo obuhlelelwe ukugoma abasebenzi bezempilo abangu-1 million.
"Ukumiswa komgomo okwesikhashana, kungenxa yokuthi ososayensi bethu basazocwaninga bathole ukuthi singawusebenzisa kanjani lo mgomo. Izinhlelo zokugoma abasebenzi bezempilo zizoqhubeka ngomgomo iJohnson &Johnson nePfizer okulindeleke ukuthi ifike kuleli emasontweni azayo," kusho yena.
USolwazi Shabir Madhi weWits University obehola ithimba ebelenza ucwaningo lwe-AstraZeneca ne-Oxford uthe lisekhona ithemba lokuthi nakuba lo mgomo ungamvikeli umuntu ukuthi abe nezimpawu ezincane zeCovid-19 kodwa uyamvikela ekutheni agule kakhulu.
"Ucwaningo luveza ukuthi nakuba igciwane lizishintshile kodwa ingxenye enkulu yalo ayishintshile okusho ukuthi usengamvikela umuntu ekutheni agule kakhulu aze adinge ukuya esibhedlela," kusho yena.
Unobhala weNehawu uMnuz Zola Saphetha uthe: “Ukuzishintshashintsha kwegciwane kusho ukuthi kumele kuhlale kwenziwa ucwaningo olubheka ezinye izindlela ezingenziwa uma kwenzeka igciwane lizishintsha singazitholi sigidagida ndawonye. Ukugoma yikhona okungasiza ekutheni iCovid-19 ingasabalali ngoba ukuqhelelana akuyona into okulula ukuthi yenzeke kwabanye abantu njengoba behlala abanye besebenza ezindaweni ezingakuvumeli ukuthi baqhelelane ngoba zazingakhelwe ukuthi kuqhelelwane, ” kusho uSaphetha.