SIMPHIWE NGUBANE
UBHONGE emswaneni uKhomishana wamaPhoyisa kuleli uGeneral Khehla Sitole, ngenkathi eyobona imindeni yamaphoyisa amabili aseHarding, ashayiswe yimoto ashona esemsebenzini.
USergeant Alfred Gqumani noConstable Sifiso Ngcobo, bashone ngeSonto ebusuku, bebekade bebizelwe ingozi lapho itekisi iQuantum ibishayise ihhashi emgwaqweni uN2 ngaseThemba Forest.
Kuthiwa abagibeli betekisi bathola imihuzukwana, balashelwa endaweni yesehlakalo base bedluliselwa esibhedlela. Kusolakala ukuthi lawa maphoyisa ashayiswa iMercedes Benz emnyama ngesikhathi esebuyela emotweni yawo ashonela endaweni yesehlakalo. Kuphenywa icala lokubulala ngokungenhloso
USitole nethimba aliholayo bakhathazekile ngokudlula emhlabeni kwalawa maphoyisa, namanye amane ase-Eastern Cape, ashone engozini yemoto ngeSonto. Imibiko yesikhashana ngale ngozi iveza ukuthi imoto ebihamba lamaphoyisa ishayisana neloli Engcobo, kwashona amaphoyisa amane nomunye umuntu.
USitole uthe umbutho wamaphoyisa ubusabheke lukhulu kula maphoyisa ashonile, ukuthi alekelele ezinhlelweni zokulwa nobugebengu.
“Umbutho wamaphoyisa ugqemeke ingozi engeqiwa ntwala ngokushona ngokuzuma kwala maphoyisa abesemancane futhi enomfutho. Zisethusile izindaba zokudlula kwawo emhlabeni. Sithatha leli thuba ukuba sibonge emindenini yawo ngokusinikeza wona ukuthi asebenzele izwe ngenkuthalo kwaze kwaba ayadlula emhlabeni,” kusho uSitole.
Kujutshwe uphiko lwezempilo nomfundisi emaphoyiseni ukuba beyokweseka imindeni eshonelwe, nalawo maphoyisa abehambele zombili izingozi zozakwabo.
USitole uthe isazomenyezelwa imininingwane mayelana nezinhlelo zezinkonzo zesikhumbuzo nezemingcwabo.