Izindaba

‘Bebephuziswa mahhala abashonele ethaveni’

Bongiwe Zuma|Published

KULOKHU kuvela okusha ngendawo yokucisha ukoma iNyobeni okushonele kuyo abantu abaningi ngempelasonto Isithombe: FACEBOOK

SEKUVELE okushaqisayo ngobekwenzeka ngempelasonto endaweni yokucima ukoma okushonele kuyo inqwaba yabantu iNyobeni, e-Eastern Cape.

Umfundi wentombazane (17) kaGrade 12 osinde kulesi sigameko nelisagodliwe igama lakhe, ekhuluma kwiTru Breakfast eshayelwa wuBoyz Mpunzi, Sinazo Yolwa noLuyolo Mkalipi kwiTru FM, uthe bebumahhala utshwala kule ndawo.

Echaza ngesigameko, uthe abangani bakhe bamantombazane ababili bashonele ezandleni zakhe ngoba bekunzima ukuphefumula bevalelwe emnyango abebezama ukuyophuma kuwo.

"Ngibone ezinkundleni zokuxhumana ukuthi kunephathi. Ngesikhathi sifuna ukuphuma unogada wavala umnyango kwanuka isisi, nabanye befuna ukungena. Kukhona nabawele phezu kwethu besuka phezulu esitezi, abanye bese benesikhathi bequlekile ngenxa yesifuthufuthu," kuchaza lo mfundi.

"Ukukhuluma iqiniso, ababili bashonele ezandleni zami ngoba besingasakwazi kwenza lutho sishayana. Nami ngike ngaquleka amahora amathathu. Ngivuke sengibekwe phezulu esitezi nasemzimbeni ngilimele ngenxa yokunyatheleka.”

Kuvele ukuthi onogada yibona abebemandla nokuvalela abantu ngaphakathi. Kuthiwa lokhu kwenzeke ngesikhathi iningi labantu seliphuzile. Lo mfundi uveze ukuthi iningi labo bebebancane ngokweminyaka kukhona noneminyaka ewu-13.

Omunye wesifazane obekhona nobekhulume neNewsroom Afrika, uveze ukuthi yize bebeshona abanye ngaphakathi kodwa bewuqhubeka umcimbi.

"Sihambile ngoba besisaba, bekungavalwa yize bekuchazwa ukuthi abantu bayashona ngaphakathi. Besiqhubeka siphuza," kusho lo wesifazane.

Ibhodi elikhipha amalayisensi otshwala, i-Eastern Cape Liquor Board ithathe isinqumo sokuyivala le ndawo.