BEBEPHUMA emngcwabeni wesihlobo KwaHlabisa bebheke eMandeni, abayisishiyagalolunye ababhubhe engozini phakathi kwetekisi nemoto encane emgwaqweni uN2 ngasesiqiwini saseNseleni, eMpangeni ngeSonto.
Kule nhlekelele eshiye kukhalwa, abayisishiyagalombili kuthiwa bashonele endaweni yesehlakalo, kwathi oyedwa kwabayishumi abangeniswe esibhedlela washona izolo ekuseni.
UNkk Nomusa Makhoba ongumnikazi wetekisi okuthiwa belithwele abagibeli abangu-16 kubalwa nomshayeli, uthe beliqashwe liya emndenini wakwaZulu oKwaHlabisa bezobuyela eMandeni emva komngcwabo kodwa lagcina lingabuyanga
“Engikwaziyo ukuthi abebegibele itekisi abebesemngcwabeni wothile abebekade behlala naye eMandeni lapho bebesebenza khona bonke. Bekumele ngabe basuke KwaHlabisa ngezikhathi zasemini kodwa ngikholwa ukuthi kube nokubambezeleka, bangifonelile sebebuya bangichazela ukuthi basendleleni ngingethuki,” kusho uNkk Makhoba.
Uthe ngesikhathi befona bese kuvele kuqala ukuhwalala, okuthe kungakapheli nehora befonile kwaphinde kwangena olunye ucingo obelumazisa ngengozi esiyehlile. Uqinisekise ukuthi umshayeli wetekisi usededeliwe esibhedlela yize isimo sakhe singakagculisi.
Kuthiwa bayisithupha ebebesetekisini abashonele endaweni yesigameko kwathi abebesemotweni encane kwashona kubo ababili owesithathu washonela esibhedlela.
UNgqongqoshe wezokuThutha ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi KwaZulu-Natal uNkk Peggy Nkonyeni uthe kuyakhathaza ukuthi kuyaqhubeka ukwenzeka kwezingozi ezidlula nemiphefumulo yabantu abangenacala emigwaqweni yesifundazwe.
“Kubuhlungu kakhulu ukuthi esikhathini nje esingangesonto sesilahlekelwe abantu abangu-20. Siyakugcizelela ukuhlonishwa kwemithetho yemigwaqo ukuze kugwemeke lezi zingozi. Egameni likahulumeni, ngithanda ukudlulisa amazwi enduduzo emindenini,” kusho uNkk Nkonyeni.
Le ngozi ilandela eduze isiphihli sengozi okushone kuyo abantu abangu-12 emgwaqweni ophakathi kweXobho neHighflats.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele uthe amaphoyisa aseMpangeni aphenya amacala okubulala ngokungenhloso.