IZIFONYO nezinye izinto ezisetshenziselwa ukugwema i-Corona seziphenduke inyama ezigebengwini ezintshontsha lezi zinto uma zifika esikhumulweni sezindiza e-OR Tambo eGoli.
Izinto eziningi zokuzivikela zifika kuleli zivela emazweni angaphandle kodwa azibe zisafika lapho kumele zithunyelwe khona ngoba ziyebiwa e-OR Tambo.
“Ukuntshontshwa kwezimpahla bekuyinkinga endala kodwa manje sebefuna kakhulu impahla yokugwema i-Corona,“ kusho uNkk Maria du Preez we-SA Association of Freight Forwarders (SAAFF), izolo. Ngenyanga edlule iCape Talk ibike ukuthi angu-102 000, kwangu-4 million ama-mask adukile afika evela phesheya. Abegcinwe kwi-warehouse yabo ese-OR Tambo.
Kwesinye isigameko inkampani yamaloli ese-Boksburg, ikhiphe umehlokaboni ka-R50 000 ngolwazi ngokubanjwa kwenkunzi kweloli labo kwathathwa ama-mask angabiza u-R7 million.
Usihlalo webhodi le-SAAFF, uMnuz Mike Walwyn, uthe ekuqaleni kukaMashi kwafika izimpahla eziningi zithwelwe amabhanoyi, eziningi kwakuyizinto zokuzivikela kwi-Corona.
UWalwyn, uqhube wathi kukhona namaloli abanjwa inkunzi ngaphandle kwesikhumulo sezindiza.
Izinkampani ezithutha impahla eziningi bezisebenzisa amabhanoyi ukuze impahla isheshe ifike lapho ithunyelwa khona.
Isikhathi eziningi bathe bekulahleka amafoni kakhulu kodwa manje sekungama-mask.
Okhulumela i-OR Tambo uNksz Betty Maloka, uthe i-Airports Company South Africa (Acsa), ayazi ngokuntshontshwa kwezimpahla wathi kukhona onogada abaqaphayo.
Okhulumela amaphoyisa * -Colonel Brenda Muridili uthe akukho macala abikwe e-OR Tambo okulahleka kwezinto zokuzivikela kwi-Corona.
NgoMsombuluko kuvele abasolwa ababili eBoksburg, omunye yiphoyisa likaMasipala waseKurhuleni. Basolwa ngokubamba inkunzi ku-N12 kwathathwa ama-mask.