BAZOZITHOLA zonke izimfanelo zabo abasebenzi baseVBS Mutual Bank abazodilizwa njengoba umuntu obhekelele leli bhange okwamanje ememezele ukuthi abasebenzi bazokwehliswa besuka ku-126 kusale abawu-26 kuphela.
Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba uNkk Louise Brugman obhekelele ezokuxhumana ehhovisi le-curator, uthe abasebenzi batshelwa ukuthi bazodilizwa ngoMeyi 13 ngesikhathi kwenziwa izinhlelo zokuthi abantu abakade belondoloze imali yabo eVBS bayoyikhipha eNedbank.
Uthe abasebenzi bacelwa ukuthi bafake izicelo zezikhala eziwu-26 futhi uhlelo luhamba kahle ngoba sebeqokiwe abawu-25.
“Esingakuqinisekisa wukuthi kuzodilizwa abasebenzi abawu-100 kusale abawu-25. Abadiliziwe bazozithola zonke izimfanelo zabo,” kusho uNkk Brugman.
Mayelana nokuthi omasipala bazoyithola yini imali ababeyifake eVBS, uNkk Brugman uthe uma sekushaqwe impahla yezikhulu zaseVBS nabanye abahlomule ngokungemthetho kuzobuya uR1.5 billion okusho ukuthi omasipala nalabo ababefake imali engaphezu kukaR100 000 bazoyithola imali yabo.
Udonse ngendlebe abakweleta iVBS ukuthi baqhubeke nokukhokha ngoba ukungakhokhi kuzobafaka enkingeni.
U-Adv Terry Motau oze nombiko oveza ukuthi kunabantu abahlomule ngokungemthetho eVBS uthe akasabi lutho njengoba sekukhona abasabisa ngokumbopha.
Ekhuluma ne-IOL uMotau uthe, “Angikhathazekile ngalabo abasabisa ngokungithathela izinyathelo zomthetho ngoba ngiyabona ukuthi abakaze bawufunde umbiko wami. Angikaze ngithi kunomuntu onecala kulo mbiko. Engikushilo wukuthi kunemali eyaphuma ebhange, yakhokhelwa abantu abathile, ngasho nokuthi bathole malini. Akekho engithe unecala.”
Khonamanjalo, Isilo samaVenda uToni Mphephu Ramabulana, sithi sizoyikhokha yonke imali okubikwa ukuthi sayithola kutanyuzwa imali yeVBS Mutual Bank ngokungemthetho.
Kubikwa ukuthi uMphephu Ramabulana wathola uR17 million kuleli bhange. NgeSonto uMphephu uveze ukuthi uzimisele ukuyikhokha le mali uma kuwukuthi wayithola, okuyinto ayichithayo ukuthi yenzeka.
“Kuyishwa ukuthi * -Adv Motau neWerksman Attorneys bakubona kungenasidingo sokuthi nginikezwe ithuba lokuveza olwami uhlangothi. Ngokwazi kwami awukho uR17 million engakhokhelwa wona. Anginakho ukungabaza ukuthi uMotau nabeWerksmans Attorneys bayazi ukuthi ukuvela kwegama lami kulo mbiko kusilimaza kanjani isithunzi sami ngokunjalo nobuKhosi baseVenda. Ngifanelwe ukuphathwa kangcono,” kusho uMphephu Ramabulana encwadini ayibhalele isizwe sakhe.
Uphinde waveza ukuthi miningi iminikelo ayithola kubantu abahlukene.
Uthe uma kukhona imali ayithola kudliwa imali yaseVBS Mutual Bank, wayithola engazi ukuthi iphume ngomkhonyovu.
“Ngiyazibophezela ukukhokha imali uma kunobufakazi bokuthi yaphuma ngezindlela ezingafanele, uma isibaliwe ukuthi malini eyaphuma ngomkhonyovu ngizoyikhokha,” usho kanje.
Uzwelane kakhulu nabantu abaphazamisekile ngokudliwa kwemali eVBS Mutual Bank esho nokuthi wayengazi ukuthi kunomkhonyovu kuleli bhange.
Namhlanje kulindeleke ukuthi i-EFF iphendule ngezinsolo zokuthi nayo yadla ngesikhathi kwebiwa imali esondele kuR2 billion eVBS.
Lolu daba luphinde luthinte abaholi ababili abaphezulu be-ANC eLimpopo.
Izolo ubuholi be-ANC kulesi sifundazwe bebuhlangene nobuholi obuphezulu be-ANC eLuthuli House buzocacisa ngokwenzeka eVBS.