ZIZOVULELWA amacala izikhulu ezasebenzisa budedengu izigidi zamaRandi zokuthenga izinsiza zokulwa nokusabalala kobhubhane iCorona kuMasipala waseThekwini.
Lokhu kuvele ngesikhathi kudingidwa umbiko ophelele wophenyo ngokusetshenziswa kwalezi zigidi zamaRandi ilo masipala ngesikhathi izwe lingaphansi komvalelandlini.
Lo mbiko othulelwe umhlangano wesigungu esiphezulu ngoLwesibili, ukuqinisekisile lokho okwatholwa umbiko owandulela ophelele, owathola ukuthi yaphathwa budedengu imali nokwaholela ekutheni umasipala ulahlekelwe izigidi zamaRandi.
Umbiko owethulwe usihlalo wekomiti labacwaningi mabhuku ngaphakathi kumasipala, uMnuz Nala Mhlongo, ubuphenya ngokusetshenziswa kukaR465 million ilo masipala ngesikhathi somvalelandlini.
Lo mbiko uthole ukuthi kwanyuswa amanani ezinto ezazithengwa umasipala kwaphinde kwangalandelwa imigomo. Uphinde waveza ukuthi imali ewuR75 million yasetshenziswa budedengu, waphinde wathola ukuthi kwaba khona ukunyuswa kwenani ekusetshenzisweni kukaR68 million wokuhlinzeka abahlala emgwaqweni ngendawo yokuhlala ngesikhathi somvalelandlini.
Umbiko uphinde washaya amakhala ngoR100 million okuthiwa wakhokhelwa abasebenzi ababesebenza isikhathi esengeziwe ngesikhathi somvalelandlini.
Amakhansela, abezwakala ukuthi anengekile ngalokhu kusetshenziswa budedengu kwale mali, anxuse ukuba bavulelwe amacala labo abathintekayo.
Isikhulu esiphezulu kwaSupply Chain Management, uMnuz Andre Petersen, siphendule ngokuthi akhona amacala azovulwa.
Kuvela ukuthi esisodwa salezi zikhulu sishaye utshani, sasula isigubhukane emsebenzini, ngesikhathi kuqala lolu phenyo.
IMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, ithe naso lesi sikhulu esesisulile emsebenzini, kufanele sivulelwe icala.
“Ingalo yomthetho yinde, izokwazi ukusithola noma ngabe sicashe kuphi. Ukuthi usesulile kwamasipala akusho lutho, ingalo yomthetho izomfuna ize imthole, abuye azobhekana namacala akhe.”
Ohola inguyazana ye-IFP kulo mkhandlu, uMnuz Mdu Nkosi, uthe kufanele baboshwe bonke abathintekayo.
“Ayilungile le nto yokuthi kube khona abantu abazokudla imali yeCorona. Le nto ifana nokuthi ekhaya udle imali yomkhuhlane, bese izingane zakho ziyafa. Okuyinkinga ukuthi lezi zigidi zamaRandi ezilahlekile, zizokhokhwa ngabakhokhi bentela.”
USotswebhu oMkhulu kulo masipala, uMnuz Sibongiseni Mkhize we-ANC, uthe laba basebenzi kubafanele ukushushiswa.
USotswebhu we-DA, uMnuz Thabani Mthethwa, uthe ukungaqondiswa ubugwegwe kwezisebenzi yikho okuholele ekutheni umasipala ugcine ulahlekelwa ilezi zigidi zamaRandi.