INTATHELI YESOLEZWE
UZOGXILA ekuthuthukiseni amabhizinisi kwezolimo nakwezokuvakasha uMasipala wesiFunda iZululand kulo nyaka wezimali. Lokhu kuvezwe yiMeya yalo mkhandlu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, izolo kade ethula isabelomali sika-R1.1 billion esabelwe lo masipala.
Lo masipala ungeminye yemikhandlu enenkinga yamanzi nokuyinto umphakathi ohlale ukhala ngayo.
Ethula isabelo salo mkhandlu ezinkundleni zemidlalo zaKwaGqikazi, KwaNongoma, uButhelezi uthe umasipala uzimisele ukuxazulula le nkinga osekuneminyaka ihlupha umphakathi. Kulesi sabelo uhlelo lokusabalaliswa kwamanzi nokuthuthwa kwendle lunikwe u-R583 million.
“Ngifisa kakhulu ukugxila kule misebenzi yokuphakelwa kwamanzi. Lapha KwaNongoma sinemiklamo emibili yokuphakelwa kwamanzi, okuyiMandlakazi RWSS Bulk Water Supply Scheme noSuthu RWSSS. Ngaphansi kwale miklamo kuningi okwenziwe ukusabalalisa amanzi futhi sizimisele ukuqhubeka nokuqinisekisa ukuthi amanzi ayafinyelele kuzo zonke izakhamizi zomkhandlu,” kusho uButhelezi.
Uveze nokuthi banezinhlelo zokufaka nokuthuthukisa umphakathi kwezamabhizinisi ezolimo nawezokuvakasha.
“Siyazi sonke ukuthi iCovid-19 ihlasele futhi ishintshe nendlela esiphila ngayo. Yingakho nathi sishintshe izinhlelo, sasungula nezinye ukulekelela umphakathi wethu. Sinohlelo esilusungulile olubizwa ngeSethembe Food Programme esibambisene kulo nezitolo zakwaBoxer. Kulo sinika izinkumbi zabantu bakulo mkhandlu abahlwempu ama-voucher ka-R1000 umndeni umunye. Sibe sesibuka nokukhahlamezeka kosomabhizinisi, ikakhulukazi abasafufusa, sabe sesithatha isinqumo sokuba kube nendlela nabo abalekeleleka ngayo. Yingakho namhlanje (izolo) sethula ngokusemthethweni uhlelo lokuxhasa osomabhizinisi abasathuthuka abaxhaswe ngo-R50 000 umfelandawonye ngamunye.
“OPhongolo nje kuhlomule imifelandawonye engaphezu kuka-50. Le mifelandawonye igxile kwezolimo namabhizinisi ezokuvakasha nokuyinto esifuna ukuqinisa kakhulu kuyo,” kusho uButhelezi.
Kulo mcimbi bekukhona noMntwana waKwaPhindangene owethule inkulumo ekhethekile nalapho encome khona izinhlelo zomkhandlu waphinde wagqugquzela nomphakathi ukuthi uzibandakanye nezinhlelo zomkhandlu ukuze uthuthuke.