Izindaba

Bazothola amanzi amahhala abadla imbuya ngothi kwiLembe

Nkosikhona Cele|Published

OPHAKATH nendawo yiMeya yesiFunda iLembe uMnuz Thobani Shandu ophahlwe nguMnuz Sazi Mbhele kwesobunxele oyisikhulu esiphezulu kulo Mkhandlu noNksz Cingisa Mbola oyiHead Technician

Image: SITHUNYELWE

KUSEQHULWINI kuMasipala wesiFunda iLembe ukuxazulula ingwadla yenkinga yamanzi esezingxenyeni ezahlukene zalesi sifunda. Lokhu kudalulwe yiMeya yalesi sifunda, uMnuz Thobani Shandu, izolo ngesikhathi echaza kabanzi ngabakubeke eqhulwini kwisabelo mali esizoqala ukusebenza ngoJulayi.

Uthe ngabe benza elikhulu iphutha uma beyiziba inkinga yamanzi ekule ndawo. Uthe njengoba isifunda iLembe sibunjwe yindawo yaKwaDukuza, Mandeni, Ndwedwe, naKwaMaphumulo, le nkinga ikhona kuzona zonke lezi zindawo.

"Imindeni edla imbuya ngothi izohlinzeka ngamanzi amahhala angu-10 000 wamalitha njalo ngenyanga. Abadla izambane likapondo bona bazongena bashone ephaketheni. Imindeni enemizi ebiza ngaphansi kukaR130 000, ngeke iyikhokhe imali yezindleko zokwethuthwa kwendle," kusho UShandu njengoba isabelomali singuR1.9 billion.

Uveze ukuthi iningi kakhulu imali abayikhiphayo bezama ukulungisa inkinga yamanzi. Udalule ukuthi babakhokhela izigidi aboMgeni-uThukela, ukuze bathole amanzi.

Uthe abakufisayo wukuthi iphele indaba yokuthi abantu bahanjiselwe amanzi ngezimoto ezithwala amanzi. Uqhube wathi bafake iziphehli zamanzi kubona bonke omasipala ababumba iLembe.

EMandeni uthe sebefake amapitsi amanzi angu-8, KwaMaphumulo sebefake angu-14, eNdwedwe bafake awu-14.

"Inhloso enkulu kodwa wukuthi sibe namaphrojekthi amakhulu amanzi azoqeda nje nya ngenkinga yamanzi kule ndawo''

Uthe mukhulu umthamo wamanzi odingekayo ngenxa yabantu abaningi abafudukela kulezi zindawo. Uthe amaphrojekthi amakhulu amanzi abazowenza kulesi sabelo mali esizoqala, abandakanya ukunyuswa komthamo wamanzi atholakala esiphehlini uMvoti Water.

Uqhube wathi bazophinde baqedele ingxenye uPhase 5C NO 5d, wesiphehli samanzi saseMandeni, Macambini, KwaDukuza naKwaMaphumulo.  Bazophinde babheke ngeso elibanzi inkinga yengqalasizinda.

UShandu uthe kuyinto engeke iphikwe ukuthi kubuye kubadalele inkinga enkulu kakhulu ukuba khona kwengqalasizinda esindala ngoba lokho kukhinyabeza namanzi. Ugcizelele ukuthi izindawo ezikulesi sifunda zibonakala zithuthuka wathi lokho kudoba abantu ukuba beze kuzona kanti uma kunjalo kumqoka ukuthi kulungiswe izinto eziningi.