BAZOPHENDULA ePhalamende ongqongqoshe abahlukene ngezibhelu zokutatshwa kwempahla, ukushiswa kwezitolo namaloli nokushona kwabantu abevile ku-300.
Lokhu kuvezwe nguSihlalo wamakomiti ePhalamende, uMnuz Cedrick Frolick, njengoba ilokhu ikhula ingcindezi yokuthi kube nophenyo ngokwenzeka KwaZulu-Natal naseGauteng ngesikhathi kutatshwa impahla kulezi zifundazwe ekuqaleni kwale nyanga.
U-Frolick uthe kuzoba namakomiti ahlukene azoba yingxenye yalolu phenyo.
Uthe ongqongqoshe abahlukene bezokuphepha bazophendula ePhalamende.
“Sixhumene nosihlalo wekomiti lamaphoyisa ePhalamende nowaleli komiti emkhandlwini wezifundazwe ukuthi kube nomhlangano kusasa (namhlanje) ngomhlahlandlela wezinto okuzogxilwa kuzona ophenyweni. NgoLwesihlanu kuzoba nomhlangano wekomiti lezokuvikela, nelamaphoyisa lapho kuzobe kukhulunywa khona namaphoyisa ngokwenzeka. La makomiti yiwona azoveza uma kudingeka kulandwe abanye bazophendula.”
Uthe maningi amabhizinisi angeke esavulwa emuva kwalezi zibhelu njengoba kwashiswa namafemu agcina impahla kanjalo nezinxanxathela zezitolo.
“Miningi imibuzo ekhona kunezimpendulo. Okwenzekile kuyinhlekelele yingakho sifuna kube nophenyo oluzokwenziwa ngamakomiti ahlukene ePhalamende nasemkhandlwini wezifundazwe.”
Uthe phakathi kwemibuzo abazoyibuza wukuthi kungani kwathatha izinhlaka zezokuvikela isikhathi eside kangaka ukungenelela nokuthi ngabe zazikhona yini ezobunhloli ukuxwayisa ngaphambi kwalezi zibhelu?
Amaphoyisa avuma ukuthi awakwazanga kwezinye izindawo ukumelana nomthamo wabantu ababefika bezotapa njengoba ayebonakala ezimele engenzi lutho.
Kokunye kuthiwa amaphoyisa ayetapa nabo abantu impahla.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, okulindeleke ukuthi ayophendula, wakhala ngokuthi akazange aluthole ulwazi lwezobunhloli kuzakwabo, uNksz Ayanda Dlodlo, owathi yena bawudlulisa umbiko emaphoyiseni ngokwakuzokwenzeka.
U-Frolick uthe kumele kuthathelwe izinyathelo abangazange benze umsebenzi wabo.
“Kumele kube nezinyathelo ezinqala kulabo abaphethe ngoba lezi zinto zazenzeka izinsuku zilandelana, isimo singadambi. Osopolitiki nabo ngeke basale ngaphandle, kumele bazophendula.” kusho uFrolick