UBUHOLI beNational Financial Aid Scheme (NSFAS) buzophekwa ngebhodwe elincane ngamalungu ePhalamende mayelana nobudedengu bokuphathwa kwemali.
Bekulokhu kubikwa kabi ngeNSFAS emaphephandabeni noNgqongqoshe weMfundo ePhakeme uNkk Naledi Pandor waze waqoka umlawuli.
USihlalo weScopa uMnuz Themba Godi izolo uthe bafuna iNSFAS izobachazela ngezingqinaba ebhekene nazo ngaphambi kokuthi uMengameli athule inkulumo yakhe yesizwe ngenyanga ezayo.
“Sikhathazekile ngezinkinga ezishiwo wumcwaningi mabhuku jikelele kwaNSFAS kanjalo nemibiko yabezindaba ngale nhlangano. Inkinga yethu enkulu wukuthi iNSFAS ayiyiphathi ngendlela efanele iminingwane yabantu kanjalo naleyo ethinta imali ekhokhelwa izitshudeni,” kusho uGodi.
Ngonyaka odlule uNkk Pandor wayefuna incazelo ngokungakhokhelwa kwezitshudeni nezinye izinkinga ezazikwaNSFAS, wathi ufuna zilungiswe ngokushesha.
Umcwaningi mabhuku Jikelele uMnuz Kimi Makwetu wanika iNSFAS umbiko omubi wokuphatha imali wathi kayazi ukuthi ibolekise ngamalini futhi kayiphethe kahle imininingwane ngaphakathi.
Kusukela lowo owayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma ememezele imfundo yamahhala ezikhungweni zemfundo ePhakeme iNSFAS yathi izodinga uR50 billion ukuze ixhase izitshudeni.
I-NSFAS yathi inezingqinamba ngoba ziningi izitshudeni ezifuna uxhaso lwezimali.
UGodi uthe iScopa sibona sengathi iNSFAS ayiphethwe kahle futhi iyona edalela izitshudeni inkinga uma ihluleka wukuphatha imali.
Uthe bafuna ukubona ushintsho ekuphathweni kwemali kwaNSFAS nangendlela exhasa ngayo izitshudeni.
Kudala iNSFAS ibixhasa izitshudeni ezivela emakhaya abanabazali abahola uR122 000 ngonyaka kodwa manje sekuxhaswa nalezo ezinabazali abahola uR350 000 ngonyaka.