KHETHA SANGWENI
KUZOBE kubukwa abaholi abaqavile e-ANC ababhekene namacala enkohlakalo, beshintshisana ezinkantolo kuleli sonto elizosombuluka.
Owayengumengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma ubuyela eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, ngoLwesibili.
Kuzodlula usuku olulodwa bese iLungu lesiShayamthetho (elisabuyiselwe eceleni) uNkk Zandile Gumede, libuyela eNkantolo yeMantshi eThekwini, ngoLwesine ngodaba lwayo inkohlakalo.
UZuma uhamba icala elihambisana nesivumelwano sokuthengwa kwezikhali lapho okusolwa ukuthi wathola amantshontsho.
Udaba lwakhe luzohlanganisa iminyaka engu-15 lungafiki esiphethweni.
Uma ebuyela enkantolo kuzobe kuzobhungwa ngosuku lwecala okuzoqalwa ngalo ukuqulwa.
UNkk Gumede naye ubhekene ngezinsolo zenkohlakalo nezihambisana nethenda yokuqoqa udoti ngesikhathi eseyimeya kaMasipala weTheku.
Uhambisana nezinye izikhulu nosomabhizinisi aboshwa nabo odabeni lwethenda kadoti.
Uvela enkantolo nje uhlabe ikhefu eliyisipesheli emsebenzini, emuva kokuthi i-ANC ithe bonke abasolwa ngamacala, abame kancane ezikhundleni zabo.
Bavela ezinkantolo nje, udaba lwenkohlakalo luyindaba egudwini ezinhlakeni ze-ANC.
Ungoti wezomthetho uMnuz Mpumelelo Zikalala, weZikalala Attorneys ubeke umbono wakhe ngawo womabili amacala nangezinto ezingase zibhekwe uma esengena.
Odabeni lukaNkk Gumede, uthe ukuhlehla kaningi kwecala futhi nohlu lwamacala lungacaci kunganika umsolwa intuba uma esecela ukuthi icala lisuswe ohlwini.
“Kungase kuveze isithombe sokuthi baqale ngokubopha bengakaphenyi kahle, esikhundleni sokuphenya bese beyabopha.
“Uma belokhu becela ukuthi kuhlehliswe kaningi kungabalimaza ababombuso. Singakhohlwa nokuthi uma becela ukuhlehlisa kungaba wukuthi banezizathu ngempela ezibaphoqayo, ukuthi bacele kuhlehliswe ngenxa yemidanti ekhona efana namarekhodi ezingcingo namaphepha asemabhange okuwubufakazi,’’ kusho uZikalala
Uthe icala elithinta izimali linemicikilisho eminingi nokwenza lidonse isikhathi eside ngoba kusuke kusazobangwa izinto ezincane kucwaningwa nezinombolo.
Odabeni lukaZuma uthe ubudala becala kwenza kube nzima ukuthi liqulwe ngempumelelo ngoba okuningi okuwubufakazi kusuke sekuphazamisekile.
"Umbuso unomthwalo wokuthi uveze ngokusobala ukuthi umuntu unecala. Manje icala uma selilidala kakhulu kubadalela umthwalo omkhulu,’’ kusho uZikalala.