IQALILE inkonzo yokuvalelisa abashonela endaweni yokuqeda ukoma, eNyobeni. Isithombe: Henk Kruger/African News Agency (ANA)
ISIQALILE inkonzo yokuvalelisa abashonela endaweni yokuqeda ukoma, eNyobeni, enkundleni yezemidlalo, iScenery Park, e-Eastern Cape.
Kuthiwa yize kukhona amabhokisi kule nkonzo kodwa agenqeza wodwa njengoba zingekho izidumbu zabashonile phakathi. Izidumbu zisemakhazeni njengoba imindeni inqume ukuthi izozingcwabela ngokuhlukana.
Eminye imindeni ikhala ngokuthi ayinikwanga ithuba lokuzilela kahle izingane zayo futhi akukho ukuxhumana okuhle ababenakho nabaholi bakahulumeni abahlele le nkonzo.
Babili asebengcwatshiwe kanti kuthiwa kunowesithathu ongcwatshwa namuhla ekuseni.
“Imindeni engu-13 izongcwaba ngempelasonto njengoba kube nesidididi ngezinhlelo zikahulumeni nokuxhumana.
UNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Weziwe Thusi, wethule inkulumo kule nkonzo.
UMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke, uMnuz Bheki Cele, noKhomishana wamaPhoyisa, uMnuz Fannie Masimula, nabo bayingxenye yale nkonzo. Kulindeleke ukuthi uRamaphosa ethule inkulumo yosuku.