PHEZU kokuba i-DA igcine igobe uphondo, yathi izozehlisa izingqwembe eziphanyekwe ePhoenix, ezincoma abantu “abazivikela” ngesikhathi sezibhelu zokutatshwa kwempahla ngoJulayi nonyaka, ezigqugquzela nokucwasa, kodwa i-ANC ithi izoqhubeka iyobika leli qembu kwiKhomishini yamaLungelo Abantu.
Lo mbhalo okulezi zingqwembe abaningi bawufanise nokuthi awuhlukile nokuncoma ukubulawa kwabantu abangu-36, ababulawa kule ndawo ezinsukwini ezimbalwa zezibhelu.
UNksz Jessie Duarte oyiPhini likaNobhala Jikelele we-ANC, obehambele kule ndawo izolo, ugxeke i-DA wathi noma izozehlisa lezi zingqwembe kodwa bazoqhubeka nokuyibika kule khomishini ngoba ekwenzile kufana nokugqugquzela ukucwasa ngokwebala ngoba kwafa abantu kule ndawo.
Uthe basayibheka nabameli be-ANC eyokumangalela leli qembu kodwa asikho isinqumo abasafinyelele kusona.
“Kumele sibumbe abantu, kuhle ukuthi i-DA igcine ithe izozehlisa lezi zingqwembe obekungamele ngabe vele zafakwa ngoba kumele kugqugquzelwe ukuzwana kwabantu. hhayi ukubahlukanisa. Akumele kube neqembu elizosebenzisa indaba yebala ukuze lizuze amavoti. Uthe okubuhlungu ngukuthi kwafa abantu abaningi kule ndawo,” kusho uNksz Duarte.
Uthe abanankinga nabantu abasukuma bavikela impahla yabo okungaba izindlu noma izitolo kodwa abahambisani nabantu ababulala abanye.
“Abenza ubugebengu kumele baboshwe. Njengoba wonke umholi asayina isibophezelo sokuziphatha ngendlela efanele, kumele kulandelwe lokhu ngoba ukugqugquzela ukucwasa yinto engamukelekile.”
Isikhulu seDA KwaZulu-Natal, uMnuz Dean Macpherson, sixolisile ngalezi zingqwembe sathi sebekuhlelile ukususwa kwazo.
“Emizameni yami yokuhlonipha isibindi nobuqhawe bezakhamuzi ezilandela umthetho ezasala dengwane zidinga ukuzivikela ngesikhathi sezibhelu nokuvukelwa koMbuso ngoJulayi, umyalezo wethu uzwise abanye ubuhlungu. Ngiyazisola futhi ngiyaxolisa kakhulu ngalokhu,” kusho yena.
Ngosuku lokuqala zifakiwe izingqwembe uMacpherson wayezishaya isifuba ethi aziyi ndawo izingqwembe, kunalokho basazozifaka nakwezinye izindawo eThekwini. Waphinde wathi abazwelayo uma bezibona kuyobe abahlali kuleli dolobha.
Kanjalo nomholi waleli qembu, uMnuz John Steenhuisen, ubeshaya phansi ngonyawo ethi ngeke aze axolise ngalezi zingqwembe.
UMacpherson uthe: “Kodwa ngifisa ukuqinisekisa umphakathi ukuthi ngangingahlosile okubi. Umyalezo wami ubuzama ukugqamisa ukuthi kunamaqhawe azivikela ngesikhathi sezibhelu evikela imizi yawo namabhizinisi. Ababekwenza i-ANC yakubiza ngokucwasa ngokwebala.”
Uthe akakaze athi yena noma iDA ihambisana nalabo abaziphindiselelayo.
“Ngiyabagxeka abenza lokho okwagcina sekuphuma imiphefumulo kwacekeleka nempahla yabantu.”
Uthe i-DA yiqembu elingacwasi ngobuhlanga.
Khonamanjalo; kuza abaholi abaphezulu be-ANC ukuzokhankasa kulesi sifundazwe njengoba uMengameli Cyril Ramaphosa ezohambela izindawo ezehlukene okubalwa KwaMakhutha, KwaNdengezi, uMlaza nezinye izindawo kusasa.
Kanjalo noSihlalo kazwelonke, uMnuz Gwede Mantashe, uzohambela eMoses Mabhida kusasa, eMpolweni, New Hanover Trust Feed nezinye izindawo. Nelungu lesigungu esiphezulu, uMnuz Bheki Cele, nalo lizobe likhankasa esifundazweni.
IPhini likaMengameli wezwe, uMnuz David Mabuza, liseThekwini namhlanje lapho lizobe liphusha umkhankaso wokugomela iCovid-19.