BASIZAKELE abahlala emgwaqweni abanesifo sofuba abatholakala ngesikhathi uMasipala weTheku eqoqela ndawonye inqwaba yabo ukuze bangabi wuvanzi ezinsukwini eziwu-21 zokuvalwa kwezwe.
Abahlala emigwaqweni yeTheku abaqoqelwe eDurban Exhibition Centre bahlolwa ngokuhlanganyela ngabahlengikazi boMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, wosonhlalakahle boMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, yiSassa nabophiko lwezempilo kuMasipala weTheku.
Uhlelo lukamasipala lokubaqoqa emgwaqweni bathole usizo lwemishanguzo luqale ngoLwesihlanu. Iningi labo litholwe linesifo sofuba okwenze lasheshe laqaliswa imishanguzo ngoba iningi bese linesikhathi libambekile.
Omunye wezimenenja zophiko lwezempilo kumasipala, uMnuz Jabulani Khumalo, i-Nursing Service Manager, uthe baqale ngesibalo esiphezulu ngosuku lokuqala kodwa ngokungenelela kwezinhlangano ezehlukene nabahlengikazi abakhuthele kwenze umthwalo waba lula bakwazi nokubatholela usizo ebebebambeke kakhulu.
“Sibathumela ezibhedlela ezehlukene ngokubona isimo somuntu. Kukhona esebeqalile ukuthatha amaphilisi, nokudla bayakuthola ngaphambi kokuyolala ezindaweni ezehlukene abahlaliswe kuzo. Abaphathi babambisene nezibhedlela ezehlukene ukuze balashelwe nezinye izinto ezibaphethe njengabalimele nabadinga eminye imishanguzo,” kusho uKhumalo.
Obekugqame kakhulu wukuthi bezikhona zonke izinhlanga kubantu abebegcwele kule ndawo futhi kungeyona intsha kuphela kodwa bekukhona nabaneminyaka ewu-60. Uma ungena khona ukhangwa wuxhaxha lwemishini eyehlukene lapho umuntu eqala khona ageziswe izandla bese ebhaliswa nemininingwane yakhe egcwele ukuze kwaziwe ukuthi ungowakuphi, uma kukhona okuvelayo.
Bekugcwele ngaphandle nangaphakathi abahlengikazi bebaxilonga, yize iphunga belingabekezeleleki kodwa bekubukeka sengathi abalizwa abahlengikazi abebenza umsebenzi wabo.
Bebengagcini ngokuhlolwa kodwa bebelulekwa nangokomqondo. Abanye bebeqala ukuzwa ngezifo ezibaphethe. Uma umuntu eqeda ukuhlolela isifo esithile udlulela komunye umhlengikazi ohloa isifo esehlukile. Ababambeke kakhulu bangeniswa emtholampilo ongumahamba nendlwane.
Amaphoyisa aziqinisile ezokuphepha ngaphandle nangaphakathi nokwenza kube nzima ukuthi umuntu ashintshe umqondo.
Ephetha uKhumalo uthe yize bekhona abatholwe benezifo kodwa okubajabulisa kakhulu wukuthi yilezi ezelaphekayo.
Yize lukhona uhlelo lukamasipala kodwa bekusekhona abazichanasela emgwaqweni abebebaleka bazephule uma bebona izimoto zamaphoyisa.