I-ANC ithi ithimba elalithunywe eZimbabwe lihambele izindaba zeqembu, lasebenzisa indlela engajwayekile ngohambo lwalo ngakho lizokhokhela uhulumeni izindleko zohambo.
“Ukuze senze umsebenzi wethu, sasebenzisa indlela engajwayelekile nengafanele ngakho siyazithoba ngokwenza kwethu okungafanele ngesikhathi somvalelandlini. Sizomkhokhela uhulumeni izindleko zethimba elalithunyiwe,” kusho uNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Ace Magashule.
Uqhube wathi: “Ithimba lethu lisazivalele ngalodwana ngenxa yemibandela yomvalelandlini.”
Kuqinisekisiwe ukuthi uMvikeli woMphakathi, u-Advocate Busisiwe Mkhwebane, uyaphenya ngokusetshenziswa kwendiza yamasosha eyathwala ithimba le-ANC liya eHarare ngeledlule.
Okhulumela u-Advocate Mkhwebane, uMnuz Oupa Segalwe, ukuqinisekisile ukuthi kuyaphenywa.
Uthe elinye lamaqembu afake isikhalo yi-African Transformation Movement (ATM), ilandela i- AfriForum neFreedom Front Plus.
Udaba lohambo lube sematheni kukhonondwa ngokuthi iqembu elibusayo lixhaphaza izinsiza zikahulumeni.
UMengameli Cyril Ramaphosa ngoLwesihlanu unike uNgqonqqoshe wezokuVikela, uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, amahora awu-48 ukuba alethe umbiko ogcwele ngokwenzekile njengoba laba baholi basebenzisa le ndiza behamba naye.
Phambilini uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNkk Lindiwe Zulu, uthe ithimba le-ANC laliholwa nguMagashule. Wathi bavele bazihambela noNkk Mapisa-Nqakula owayenohambo ngokomsebenzi eZimbabwe.
UNkk Zulu uthe uNkk Mapisa-Nqakula wayenawo wonke amagunya okuhamba yize kunomvalelandlini.
UNgqongqoshe wezokuThutha, uMnuz Fikile Mbalula, uthe amasosha awadinge kuthola mvume uma enohambo ngoba yiwo “aphethe ezokundiza”
Ibamba lomkhulumeli kaRamaphosa, uMnuz Tyrone Seale, lithe umengameli uzwile ngezinkulumo ezisemphakathini ngodaba lohambo ngale ndiza.